Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 7:4 - IsiZulu 2020

4 Abantu bakwa-Israyeli basusa oBhali no-Ashitharothi, bakhonza uSimakade kuphela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abakwa-Israyeli base besusa oBali no-Ashitaroti, bamkhonza uJehova yedwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Abantwana bakwa-Israyeli babalahla oBali no-Ashitaroti, bakhonza uJehova yedwa.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 7:4
11 Referans Kwoze  

U-Efrayimi uyakuthi: “Zizongenzelani nje izithombe ezibaziweyo na? Mina ngiyakuphendula, ngimnakekele. Mina nginjengomsayiphuresi oluhlaza, izithelo zakho zifunyanwa kimi.”


I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”


ngoba bangishiyile, bayokhuleka ku-Ashitharothi unkulunkulu wamaSidoni, uKhemoshi, unkulunkulu wabakwaMowabi, nakuMilikhomu, unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami, ukuba benze okuhle emehlweni ami, abazilandela izimiso zami, nezehlulelo zami njengoDavide, uyise.


Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi.


Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali;


USamuweli wathi kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli: “Uma nibuyela kuSimakade ngenhliziyo yenu yonke, susani phakathi kwenu onkulunkulu babezizwe no-Ashitharothi, nibhekise izinhliziyo zenu kuSimakade, nikhonze Yena yedwa; uzonihlenga esandleni samaFilisti.”


USamuweli wathi: “Buthelani wonke u-Israyeli eMizpha, ukuze nginikhulekele kuSimakade.”


uma bephendukela kuwe ngenhliziyo yabo yonke nangawo wonke umphefumulo wabo besezweni lezitha zabo ezibathumbileyo, bakhuleke kuwe bebheke ezweni lakubo owalinika okhokho babo, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,


USolomoni walandela u-Ashitharothi, unkulunkulukazi wamaSidoni noMilikhomu, isinengiso sabakwa-Amoni.


I-althare elaliseBhethele, nendawo ephakemeyo eyenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, owonisa u-Israyeli, nalelo althare nendawo ephakemeyo yakudiliza, yayishisa indawo ephakemeyo, yayiqothisisa yaba ngumlotha, yashisa no-Ashera.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite