Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 7:17 - IsiZulu 2020

17 USamuweli wayebuyela eRama ngoba indlu yakhe yayilapho, wamehlulela u-Israyeli ekhona, wamakhela lapho uSimakade i-althare.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho; wahlulela u-Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wayebuyela eRama; ngoba yayikhona indlu yakhe; wayala khona u-Israyeli; wamakhela khona uJehova i-altare.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 7:17
18 Referans Kwoze  

Bavuka ekuseni kakhulu bakhuleka phambi kukaSimakade, base bebuyela emuva endlini yabo eRama. U-Elikhana walala nomkakhe, uSimakade wamkhumbula uHana.


Kwase kubuthana wonke amalunga akwa-Israyeli, aya kuSamuweli eRama,


Kwakukhona umuntu othile eRamathayimi Zofimu kwelezintaba kwa-Efrayimi, igama lakhe kungu-Elikhana, indodana kaJerohamu ka-Elihu kaTholu kaZufi, wakwa-Efrayimi.


Bonke abantu baya eGiligali, bafika bambeka khona eGiligali uSawule, waba yinkosi phambi kukaSimakade. Bahlaba lapho imihlatshelo neminikelo yokuthula phambi kukaSimakade. USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu lapho.


Wakha lapho i-althare, leyo ndawo wayibiza ngokuthi yi-Eli Bhethele, ngokuba kulapho uNkulunkulu azibonakalisa kuye khona mhla ebalekela umnewabo.


Wakha i-althare lapho, walibiza ngokuthi yi-Eli Elohe Israyeli.


U-Elikhana waphindela eRama, endlini yakhe. Umntwana wakhonza uSimakade phansi kweso lika-Eli.


Abaphendula athi: “Ukhona, bhekani nangu phambi kwenu. Nokho sheshani ngokuba ufike namuhla emzini, ngoba abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo.


USawule wamakhela uSimakade i-althare; lelo kwaba yi-althare lokuqala alakhela uSimakade.


USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela emzini wakhe eGibheya likaSawule.


USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.


badlula entubeni, ebusuku bahlala eGebha; iRama liyathuthumela, iGibheya likaSawule lithi galo yephuka.


Wayevame ukuhlala phansi kwesihlahla sesundu sikaDebhora, phakathi kweRama neBhethele kwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli babenyukela kuye ukuba abehlulele.


UGideyoni wamakhela uSimakade i-althare lapho, waliqamba wathi: uSimakade Ungukuthula. Kuze kube namuhla lisekhona lapho e-Ofira lama-Abhiyezeri.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite