Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 7:12 - IsiZulu 2020

12 USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMizpha neSheni. Waliqamba wathi yi-Ebheni Ezeri, ethi: “USimakade usisizile kwaze kwaba lapha.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 USamuweli wathatha itshe, walimisa phakathi kweMispa neSheni, waqamba igama lalo ngokuthi i-Ebeni Ezeri, ethi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 USamuweli wathatha itshe, walibeka phakathi kweMispa neSeni, walibiza ngokuthi i-Ebeni Ezeri, wathi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 7:12
18 Referans Kwoze  

Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


UJoshuwa wamisa amanye amatshe ali-12 phakathi nomfula iJordani, endaweni lapho izinyawo zabaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano zazimi khona. Asekhona lapho kuze kube namuhla.


Kepha ngathola usizo kuNkulunkulu, yingakho ngimi lapha namuhla ngifakaza kwabancane nabadala. Angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaphrofethi noMose ukuthi kuzokwenzeka,


U-Abhrahama wabiza igama laleyo ndawo ngokuthi: “KukwaSimakade uyabonelela,” njengoba kushiwo nanamuhla kuthiwa: “Entabeni kaSimakade kuyabonelelwa.”


UJakobe wayesemisa insika lapho uNkulunkulu ayekhulume naye khona, insika yetshe, wathela amafutha kuyo, wathela nomnikelo wokuphuzwayo.


AmaFilisti awuthatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebheni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.


Ngalolo lusuku kuyoba khona i-althare likaSimakade phakathi nezwe eGibhithe, nensika kuSimakade emngceleni walo.


Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo.


Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe.


Izwi likaSamuweli lafika kuwo wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma wayolwa namaFilisti, wakanisa ngase-Ebheni Ezeri; amaFilisti akanisa e-Afeki.


UMose wakha i-althare, waliqamba ngokuthi: “uSimakade Nisi”.


Amadoda akwa-Israyeli aphuma eMizpha awaxosha amaFilisti, awabulala kwaze kwaba seBhethi Khari.


USawule wamakhela uSimakade i-althare; lelo kwaba yi-althare lokuqala alakhela uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite