Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 6:9 - IsiZulu 2020

9 Bhekani, uma zenyuka nawo ngendlela esemngceleni waseBhethi Shemeshi, yazini ukuthi nguNkulunkulu ka-Israyeli osehlisele lobo bubi obukhulu. Uma kungenzeki kanjalo, kuyobe sehlelwe yingozi nje.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Anobona, uma yenyuka ngendlela yasemkhawulweni wayo ukuya eBeti Shemeshi, nguye osenzele lobo bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, siyakwazi ukuthi akusiso isandla sakhe esisishayileyo; sehlelwa ingozi nje.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bhekani, uma ikhuphuka ngendlela isuka ogwini lwakubo, iye eBeti Shemeshi, usenze lobu bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, sizokwazi ukuthi akusona isandla sakhe esisishayileyo; kwakuyithuba elenzeke kithi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 6:9
13 Referans Kwoze  

bese uzungeza ngasentshonalanga eBhahala uye entabeni iSeyiri, wedlule ngasenyakatho yomthambeka wentaba iJeharimi okuyiKhesaloni, wehlele eBheth Shemeshi, wedlulele eThimina;


Kwathi kungalindelekile, kwehla umphristi othile ngaleyo ndlela; kuthe lapho embona, wachezuka endleleni.


Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.


Insizwa eyambikelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni iGilibhowa, ngaleso sikhathi uSawule wancika emkhontweni, ngokuba izinqola nabamahhashi babemxine kakhulu.


Bathi: “Uma senizowuphindisela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawuphindiseli ungenalutho. Kodwa ubuyiseleni nomnikelo wecala, khona niyophiliswa; sekuyokwazeka-ke ukuthi kungani isandla sakhe singasuswa kini.”


i-Ayini namadlelo alo, iJutha namadlelo alo, neBhethi Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye ivela kulezi zizwana ezimbili.


Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


Abantu benza kanjalo, bathatha izinkomazi ezimbili ezincelisayo, bazibophela enqoleni, kwathi amankonyane azo bawavalela ekhaya.


Izinkomazi zangena indlela, zabheka ngaseBhethi Shemeshi, zihamba endleleni, zihamba zibhonsa, aziphambukelanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo. Amakhosi amaFilisti azilandela aze afika emngceleni eBhethi Shemeshi.


Kepha lapho uFaro ebona ukuthi uthole ikhefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, akaze abalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


uBheni Dekeri eMakhasi, eShahalabimi, eBhethi Shemeshi, nase-Eloni Bhethi Hanani;


UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wayesekhuphuka, babhekana ubuso nobuso no-Amaziya, inkosi yakwaJuda, eBhethi Shemethi kwaJuda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite