Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 5:6 - IsiZulu 2020

6 Isandla sikaSimakade saba nzima phezu kwabase-Ashidodi, wabashaya, wababhubhisa ngamathumba, i-Ashidodi nezifunda zayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha isandla sikaJehova sasinzima phezu kwabase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngamathumba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha isandla sikaJehova saba nzima phezu kwabo kwase-Ashidodi, wabachitha, wababulala ngenkemba, i-Ashidodi nemikhawulo yalo.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 5:6
13 Referans Kwoze  

Bathumela, baqoqela ndawonye wonke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endaweni yawo, ukuze ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwaba khona ukwesaba okukhulu emzini wonke, besaba ukufa. Bheka, isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu kubo.


Isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, ungaliboni ilanga okwesikhashana.” Ngokushesha wehlelwa yinkungu nobumnyama, wahamba efuna ongahle amhole.


Isandla sakho sangicindezela kanzima ubusuku nemini, ngaphelelwa ngamandla, kwangathi ngihlaselwe wumoya weshisandlu. Sela


USimakade uyokushaya ngamathumba aseGibhithe, ngamaqhubu, ngomuna, nangotwayi, okungelapheki.


isandla sikaSimakade sizoyishaya ngesifo imfuyo esehlane: amahhashi, izimbongolo, amakameli, izinkomo, izimvu, nezimbuzi.


Izitha zayo yazichithela emuva, yazithela ngehlazo elingunaphakade.


Abantu base-Ashidodi sebebona ukuthi kunjalo, bathi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli awuyukuhlala kithi, ngokuba isandla sakhe sinzima phezu kwethu naphezu kukaDagoni, unkulunkulu wethu.”


Inhlekelele ayehleli yini abangalungile, nengozi izikhohlakali na?


Kwathi ukuba bawuthuthele khona, isandla sikaSimakade saba phezu kwalowo muzi, kwaba khona ukudideka okukhulu, wabulala abantu bomuzi, abancane nabadala bamilwa ngamathumba.


USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.


USimakade uyabaphakamisa abathobekileyo, izikhohlakali uziqumba phansi.


Akusayukukhumbuleka ukuthi kwake kwaba khona inala ngenxa yendlala elandelayo, eyoba nzima kakhulu ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite