Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 5:10 - IsiZulu 2020

10 Umphongolo kaNkulunkulu base bewuthuthela e-Ekhroni. Kwathi lapho ufika e-Ekhroni, abantu base-Ekhroni bakhala, bathi: “Balethe lapha lo mphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba asibulale thina nabantu bakithi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakho bathumela umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi umphongolo kaNkulunkulu usufikile e-Ekroni, abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba basibulale thina nabantu bakithi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 5:10
13 Referans Kwoze  

Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.


U-Ahaziya waphuma ngefasitela lekamelo lakhe eliphezulu elaliseSamariya wawa, wagula. Wathumela izithunywa, wathi kuzo: “Hambani niyongihlolela kuBhali Zebhubhi, unkulunkulu wase-Ekhroni, ukuthi ngizolulama yini kulokhu kugula.”


UJuda wadla iGaza nezindawo zalo, i-Ashikeloni nezindawo zalo, ne-Ekhroni nezindawo zalo.


I-Ekhroni nemizi yalo nemizana yalo;


kusuka eShihori elisempumalanga yeGibhithe kuya enyakatho emngceleni we-Ekhroni, elaziwa ngokuthi yiKhanani; kunababusi abayisihlanu bamaFilisti, abaseGaza, e-Ashidodi, e-Ashikeloni, e-Githi, nase-Ekhroni, nalabo base-Avimu ngasenyakatho,


Kwathi ukuba bawuthuthele khona, isandla sikaSimakade saba phezu kwalowo muzi, kwaba khona ukudideka okukhulu, wabulala abantu bomuzi, abancane nabadala bamilwa ngamathumba.


Bathumela, baqoqela ndawonye wonke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endaweni yawo, ukuze ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwaba khona ukwesaba okukhulu emzini wonke, besaba ukufa. Bheka, isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu kubo.


Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni.


umngcele wedlule emthambekeni wegquma elisenyakatho ye-Ekhroni, bese ujikela eShikheroni wedlule entabeni iBhahala, udlulele eJabhineyeli uze uyogcina olwandle.


Umphongolo kaSimakade wahlala ezweni lamaFilisti izinyanga eziyisikhombisa.


Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGathi nasemasangweni e-Ekhroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGathi nase-Ekhroni.


uZabhadi, uShuthela, u-Ezeri no-Eleyadi, babulawa ngabantu baseGathi ababezelwe kulelo lizwe, ngokuba behla ukuzothatha imfuyo yabo.


Dlulelani eKhaline, nibone; nisuke lapho niye eHamathi elikhulu, bese nehlela eGathi lamaFilisti. Bangcono yini kunale mibuso na? Ngabe izwe labo likhulu yini kunelenu na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite