Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 4:19 - IsiZulu 2020

19 Umalokazana wakwakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezobeletha, kwathi ukuba ezwe umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nokuthi uyisezala nomyeni wakhe bafile, wakhonkobala, wafikelwa yimihelo, wabeletha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Umalokazana wakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe, wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Umalokazana wakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe, esezakubeletha; lapho ezwa umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi uyisezala nomyeni wakhe bafile, wakhothama wabeletha; ngoba ubuhlungu bakhe behlela phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 4:19
7 Referans Kwoze  

Kwathi nje ukuba aphathe igama lomphongolo kaNkulunkulu, u-Eli wawa nyovane esihlalweni sakhe eceleni kwesango, waphuka intamo, wafa, kwazise wayesemdala futhi ekhuluphele. Wayemahlulele u-Israyeli iminyaka engama-40.


Ngesikhathi sokufa kuka-Eli kwakunabesifazane ababemi ngakumkaFinehasi, bathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uthole indodana.” Kodwa yena akakunakanga lokho, akaze aphendula.


Kowesifazane wathi: “Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe, uzwe iminjunju lapho ubeletha. Uyohlala ulangazelela indoda yakho, yona ikubuse.”


Kwathi lapho isenzima ngempela imihelo yakhe, umbelethisi wamqinisa idolo, wathi: “Ungesabi, ngokuba uzothola enye indodana.”


Ngaleso sikhathi u-Abhiya, indodana kaJerobhowamu, wagula.


Abaphristi bakhona bawa ngenkemba, abafelokazi bakhona abaze balila.


ngiyakuyenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiwenze ube yisiqalekiso, kuzo zonke izizwe zomhlaba.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite