Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 4:10 - IsiZulu 2020

10 AmaFilisti alwa, u-Israyeli wanqotshwa, wabaleka, kwaba yilowo nalowo waqonda ethendeni lakhe. Kwaba ngukwehlulwa okukhulu kakhulu, kwasala enkundleni abakwa-Israyeli abayizi-30 000 abayimigundatshani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 AmaFilisti alwa, u-Israyeli wachithwa, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Alwa ke amaFilisti, wahlulwa u-Israyeli, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; futhi kwaba khona ukubulala okukhulu kakhulu; ngoba kwa-Israyeli kwawa amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu ayimigundatshani.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 4:10
19 Referans Kwoze  

UJuda wanqotshwa ngu-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.


AmaFilisti azihlela ukuze atholane phezulu no-Israyeli. Impi yabambana kwashunqa uthuli isikhathi eside. AmaFilisti amnqoba u-Israyeli, kwasala enkundleni abantu ababalelwa ezi-4 000.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


Bamthatha u-Absalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba yamatshe enkulu kakhulu; bonke abakwa-Israyeli, yilowo nalowo, wabalekela ethendeni lakhe.


Abantu bakwa-Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo, babuyela emuva ngosuku lwempi.


UJuda wehlulwa ngu-Israyeli; uJuda wabaleka, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe.


U-Abhiya namabutho akhe bababhubhisa, bebulala abakhulu nabancane kwa-Israyeli. Kwafa amabutho akhethiweyo ayizi-500 000.


Selishonile ilanga, kwedluliswa enkanjini isimemezelo sokuthi: “Yilowo nalowo makabuyele emzini wakubo, ezweni lakubo.”


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


Inkosi yayisisuka-ke, yahlala esangweni. Bonke abantu bezwa kuthiwa: “Ake nibheke, inkosi ihleli esangweni.” Bonke abantu beza enkosini, kepha abakwa-Israyeli base bebalekile, yilowo nalowo ebalekele ethendeni lakhe.


Abantu bakwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide. Kwabulawa abantu abaningi kakhulu ngalolo lusuku; abayizi-20 000.


“Kuyothi uma ungalaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela, zikusibekele.


“ ‘Kepha ake nihambe niye endaweni yami eShilo, lapho ngaqala khona ukubeka iGama lami, nibone engakwenza kuyo ngenxa yobubi babantu bami, u-Israyeli.


USimakade wathi kuSamuweli: “Bheka, ngizokwenza into kwa-Israyeli okuyothi bonke abezwa ngayo, ihlale inkeneza kuzona zombili izindlebe zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite