Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 30:6 - IsiZulu 2020

6 UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UDavide wacindezeleka kakhulu; ngoba abantu babekhuluma ukumkhanda ngamatshe, ngoba imiphefumulo yabantu bonke yayinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 30:6
51 Referans Kwoze  

Ithemba lami likuNkulunkulu, angiyukwesaba. Umuntu angangenzani na?


Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.


Ngikhulule ezinsizini ezisenhliziyweni yami, ungikhiphe ezinhluphekweni engikuzo.


ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”


owathi kungekho themba, waba nethemba, wakholwa ukuthi uzakuba nguyise wezizwe eziningi, njengokuba kwashiwo ukuthi: “Luyakuba njalo ulibo lwakho.”


Ngiyakholwa, yingakho ngathi: “Ngihlushwe ngokweqile.”


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


UMose wakhala kuSimakade, wathi: “Ngiyakwenzani ngalaba bantu na? Sekusele kancane ukuba bangikhande ngamatshe.”


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.


Sicindezelwa nxazonke, kepha asifihlizeki; siyaxakeka, kodwa asidikibali.


Umphefumulo wakhe wawunomunyu kakhulu; wakhuleka kuSimakade, wakhala kabuhlungu.


Base becosha amatshe ukuze bamkhande ngawo, kodwa uJesu wafihlakala kubo, waphuma ethempelini.


Yonke inhlangano yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kubo bonke abantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana.


Nangesikhathi sifika eMakhedoniya, imizimba yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; kunezingxabano ngaphandle, nokwesaba ngaphakathi.


Igama likaSimakade lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Simakade, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badla ifa elingamanga kuphela, okuyize, okungenanzuzo.


Uzongibulala, angisenathemba, ngizozivikela izindlela zami, ngilubeke udaba lwami phambi kwakhe.


Kepha noma sikhathazwa manje, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu; uma siduduzwa, kungenxa yokududuzwa kwenu okuveza ukubekezela ezinhluphekweni ezifanayo nalezi esihlupheka ngazo nathi.


Nokho akasingabazanga isithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo,


UPilatu wathi: “Pho ngenzenjani ngoJesu okuthiwa nguKhristu na?” Bonke bathi: “Makabethelwe.”


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!”


Ngokuba ube yinqaba kwabampofu, inqaba kwabantulayo ekuxakekeni kwabo, umpheme esivunguvungwini nomthunzi ekushiseni, lapho umoya wabanonya unjengesivunguvungu ebusika,


Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba insindiso yami ivela kuye.


Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.


AbakwaDani bathi kuye: “Izwi lakho malingezwakali kithi, funa amadoda abilelwa ngamakhanda akusoconge, ufe wena nabendlu yakho.”


UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wayesehlukanisa abantu ayehamba nabo, nezimvu, nezinkomo, namakameli, kwaba ngamaqembu amabili,


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


UHushayi wabuye wathi: “Uyazi ukuthi uyihlo nabantu bakhe bangamaqhawe, nokuthi bacasukile ezinhliziyweni, bafana nebhele elephucwe amazinyane alo ehlane. Uyihlo uyindoda yempi, akasoze alala lapho kulele khona abantu.


Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wabamba izinyawo zakhe. UGehazi wasondela ukuba amxoshe, kodwa umuntu kaNkulunkulu wathi: “Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe inomunyu; uSimakade ungifihlele lokho, akangitshelanga.”


Kwasuka uJonathani, indodana kaSawule, waya kuDavide eHoreshi, wamqunga isibindi ngenxa kaNkulunkulu.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


Qinani, inhliziyo yenu ime isibindi, nina nonke enethembela kuSimakade.


Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni sesikhohlakali, nasekuxhakathisweni yisandla sowenza okubi nesowonakeleyo.


Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami.


wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami.


Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baqunga isibindi, babuye bayihlela ngezinhla zayo impi lapho babeyihlele khona ngosuku lokuqala.


USamuweli wathi kuSawule: “Ungiphazamiselani ngokuthi ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihlupheke kakhulu, ngoba amaFilisti alwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli ngabaphrofethi noma ngamaphupho, yingakho ngikubizile ukuze ungazise ukuthi kumele ngenzenjani.”


Ngosuku engakhala ngalo, wangiphendula; waqinisa umoya wami, ngaba namandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite