Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 30:16 - IsiZulu 2020

16 Yayisimehlisela kubo. Bheka, babehlakazeke indawo yonke; bedla, bephuza, besina ngenxa yempango ababeyidle ezweni lamaFilisti nakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke, bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lapho emehlisa, bheka, babehlakazekile emhlabeni wonke, bedla, bephuza, besina ngenxa yayo yonke impango enkulu ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 30:16
22 Referans Kwoze  

Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


kodwa kunalokho kwakunenjabulo nedili, kuhlatshwa izinkabi nezimvu, kudliwa inyama, kuphuzwa iwayini, nathi: “Masidle, siphuze, ngokuba kusasa sizokufa.”


ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?


U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Sasihlasele ngaseNegevu eKherethi, nakwaJuda, naseningizimu kaKhalebhu, salishisa ngomlilo iZikilagi, langqongqa.”


Abantu bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; bahlala phansi ukuba badle, baphuze; basukuma ukuba badlale.


wathi kubo: “Buyelani emathendeni enu nengcebo eningi, nemfuyo eningi, nesiliva, igolide, ithusi, insimbi, nezimpahla eziningi, nabelane nabafowenu impango eniyithathe ezitheni zenu.”


UDavide wathi kuyo: “Ungangehlisela kulelo viyo labahlaseli?” Yathi: “Uma ufunga kimi phambi kukaNkulunkulu ukuthi awuyukungibulala noma ungibuyisele enkosini yami; ngizokwehlisela kulabo bahlaseli.”


Ngiyathokoza ngezwi lakho njengomuntu ejabulela impango eningi.


Uyokwandisa isizwe, usenze siphuphume injabulo; siyothokoza phambi kwakho njengokujabula ngesikhathi sokuvuna, njengoba abantu bejabula lapho babelana impango.


UGideyoni wakhuphuka ngomzila walabo ababehlala emathendeni ngasempumalanga kwaseNobha, naseJogibheha, wayihlasela impi ngoba yayingazelele.


Bayibhubhisa insali yama-Amaleki eyayiphunyukile, basahlala lapho kuze kube namuhhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite