Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 30:12 - IsiZulu 2020

12 Bamnika ucezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zamagilebhisi omisiwe, wadla, ayesebuyela kuye amandla akhe, lokhu wayengakaze adle sinkwa noma aphuze manzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 bamnika nocezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo; esedlile kwabuyela kuye umoya wakhe, ngokuba wayengadlanga sinkwa, engaphuzanga manzi, izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Basebemnika ucezu lweqebelengwane lomkhiwane nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo; esedlile umoya wakhe wabuyela kuye, ngokuba wayengadlanga sinkwa, engaphuzanga manzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 30:12
9 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wavula umgodi eLehi, kwaphuma amanzi kuwo. Esephuzile abuya amandla akhe, wavuseleleka. Ngakho-ke leyo ndawo yabizwa ngokuthi yi-Eni Hakhore, isekhona eLehi kuze kube namuhla.


UJonathani wayengasizwanga isifungo uyise asenzisa abantu. Wayeselula isihloko senduku yakhe ayeyiphethe, wayicwilisa ojwini, walukhotha; ayeseqabuka amehlo akhe.


bathi: “Nkosi, siyakhumbula ukuthi lo mkhohlisi esaphila, wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu, ngizakuvuka.’


USimakade wathumela inhlanzi enkulu ukuba igwinye uJona. UJona wayesesiswini senhlanzi izinsuku ezintathu, nobusuku obuthathu.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi?” Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibhithe, inceku yomAmaleki, kodwa inkosi yami yangishiya, ngokuba ngase nginezinsuku ezintathu ngigula.


Bafumana umuntu waseGibhithe endle, bamthatha bamyisa kuDavide. Bamnika isinkwa, wadla, bamnika namanzi, waphuza.


Bonke abantu bakhona bayabubula, befuna isinkwa. Bakhipha okuthandekayo kwabo ngokuba befuna ukudla ukuze basimamise umphefumulo. Bheka, Simakade, ubone, ngokuba sengiphenduke into eyedelelwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite