Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 3:19 - IsiZulu 2020

19 USamuweli wakhula, uSimakade wayenaye, wawafeza wonke amazwi kaSamuweli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 USamuweli wakhula; uJehova wayenaye; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 USamuweli wakhula, uJehova wayenaye, akavumelanga ukuba kuwele phansi nelilodwa lamazwi akhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 3:19
32 Referans Kwoze  

USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe.


Yathi kuye: “Bheka, kukhona umuntu kaNkulunkulu kulo muzi, umuntu ohloniphekile; konke akukhulumayo kuyakwenzeka impela. Masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”


“Makabongwe uSimakade onike abantu bakhe, u-Israyeli, ukuphumula njengakho konke akushilo; akukho nelilodwa izwi elehlulekile kuwo wonke amazwi akhe amahle awakhuluma ngesandla sikaMose, inceku yakhe.


UJesu wakhula ekuhlakanipheni nasemzimbeni, ethokozelwa nguNkulunkulu nangabantu.


INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa ube nani.


USimakade wamhambela uHana, wakhulelwa wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaSimakade.


Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; umusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.


Umusa weNkosi uJesu uKhristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.


Umntwana wakhula, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.


Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


UDavide waba nempumelelo kuzo zonke izindlela zakhe; uSimakade wayenaye.


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


yiMina ofeza izwi lezinceku zakhe, enze konke okubikezelwa yizithunywa zakhe, akhulume ngeJerusalema, athi: ‘Liyohlalwa,’ nangemizi yakwaJuda, athi ngayo: ‘Izokwakhiwa,’ nencithakalo, athi ngayo: ‘Ngiyoyivusa.’


Ngaleso sikhathi kwasuka u-Abhimeleki noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe, wathi ku-Abhrahama: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.


Seyifikile, yasondela ingelosi lapho ayekhona, yathi kuye: “E! Wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.”


Owesifazane wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguSamsoni. Umfana wakhula, uSimakade wambusisa.


Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”


Manje bhekani, inkosi sekuyiyo ehamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga. Nanka amadodana ami anani; selokhu ngahamba phambi kwenu, kusukela ebusheni bami kuze kube namuhla.


Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.”


Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo,


“Uma umphrofethi ekhuluma egameni likaSimakade, leyo nto ingenzeki, nezwi alikhulumile lingafezeki, lelo lizwi kalikhulunywanga nguSimakade, kodwa ngumphrofethi ozikhulumele nje lokho, ezigabisa; ungamesabi.”


Akukho nasinye kulezo zithembiso ezinhle uSimakade ayezethembise indlu ka-Israyeli esingafezekanga; zonke zafezeka.


Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuSimakade nakubantu.


Kuyakuthi lapho zonke lezo zinto usuzibonile, uyokwenza konke isandla sakho esikufumanayo, ngokuba uNkulunkulu unawe.


UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.


USawule wamesaba uDavide, ngoba uSimakade wayenaye, kodwa esesukile kuye.


Yazini manje ukuthi akuyukuwela phansi nelilodwa lezwi likaSimakade, alikhulumayo uSimakade ngendlu ka-Ahabi; uSimakade ukwenzile lokho akukhulumayo ngomlomo wenceku yakhe, u-Eliya.”


Yilelo izwi likaSimakade alikhuluma kuJehu, wathi: “Amadodana akho, kuze kube sesizukulwaneni sesine, ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.” Kwaba kanjalo.


usho kanje uSimakade uthi: ngiyokwehlisela okubi kule ndawo naphezu kwabakhe kuyo, njengokusho kwawo wonke amazwi encwadi eyifundile inkosi yakwaJuda,


Liyoba njalo izwi lami, eliphuma emlonyeni wami: aliyukubuyela kimi lilambatha, lingakakufezi lokho engikufunayo, liphumelele kulokho engilithumelele khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite