Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 3:13 - IsiZulu 2020

13 Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngobubi abaziyo, lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngenxa yobubi abaziyo; ngoba amadodana akhe ayebaklolodela, kodwa kabavimbanga.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 3:13
17 Referans Kwoze  

“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;


Yiyale indodana yakho lisekhona ithemba; ungayifiseli ukuba ife.


Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade.


Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade.


“Ngakho-ke ngiyakunehlulela nina ndlu ka-Israyeli, yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, kusho iNkosi uSimakade. Buyani, phendukani, eziphambekweni zenu zonke, ukuze ububi bungabi yisikhubekiso kini.


Manje, ukuphela sekuphezu kwakho; ngiyakuthumela ulaka lwami kuwe, ngikwehlulele njengezindlela zakho, ngiphindisele kuwe zonke izinengiso zakho.


Uyise wayengakaze amkhuze nakanye, athi: “Ukwenzeleni lokhu na?” U-Adoniya wayemuhle kakhulu, elama u-Absalomu.


Uswazi nokusola kunika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyakuhlaza unina.


Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.


“Mabazivuse izizwe, mazikhuphukele esigodini sikaJehoshafathi, ngokuba ngiyakuhlala lapho ngehlulele zonke izizwe ezilapho nxazonke.


Inhliziyo yakho iyazi ukuthi nawe uhlale ubaqalekisa abanye.


Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”


Inkosi yabuye yathi kuShimeyi: “Wena ukwazi kahle konke okubi okusenhliziyweni yakho owakwenza kuDavide, ubaba, ngakho-ke uSimakade uyakuphindisela ububi bakho phezu kwakho.


Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.


“Uma umuntu enendodana enenkani, ehluphayo, engalilaleli izwi likayise noma elikanina, engalaleli noma beyiyala,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite