Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 3:12 - IsiZulu 2020

12 Ngalolo lusuku ngiyakumehlisela u-Eli konke engamtshela ngakho mayelana nendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngalolo suku ngiyakumehlisela u-Eli konke engikukhulumile ngendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngalolo suku ngiyakumenzela u-Eli konke engikukhulume ngendlu yakhe; uma ngiqala, ngizoqeda futhi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 3:12
11 Referans Kwoze  

Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Kanti amazwi ami nezimiso zami engayaleza ngakho izinceku zami abaphrofethi akufinyelelanga yini kokhokho benu na? Angithi baphenduka, bathi: ‘Njengoba uSimakade Wamabandla ebehlelile ukwenza lokhu kithi ngokwezindlela zethu nangemisebenzi yethu, wenze kanjalo-ke kithi.’ ”


Kodwa njengoba zonke izinto ezinhle uSimakade uNkulunkulu wenu anethembisa zona zigcwalisekile, kanjalo uSimakade uyonehlisela konke okubi, aze anibhubhise kuleli lizwe elihle uSimakade aniphe lona.


UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?


Bonke abantu bayokwazi ukuthi Mina Simakade, ngiyihoshile inkemba emgodleni wayo, ayisayukubuyela emuva.” ’ ”


Isandla sabantu bakwa-Israyeli saya ngokuqina phezu kukaJabhini, inkosi yaseKhanani, baze bambhubhisa nya uJabhini, inkosi yamaKhanani.


Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa, kwathi amadodana amabili ka-Eli, uHofini noFinehasi, abulawa.


Owayelethe umbiko waphendula, wathi: “U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti futhi kubulawe abantu abaningi. Kufe namadodana akho omabili, uHofini noFinehasi, umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”


Umntwana wamqamba wathi ngu-Ikhabhodi, ethi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli,” ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa yokufa kukayisezala nomyeni wakhe.


Wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite