Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 29:1 - IsiZulu 2020

1 AmaFilisti aqoqela wonke amabutho awo e-Afeki; u-Israyeli wayekanise ngasemthonjeni oseJizreyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abantwana bakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 29:1
20 Referans Kwoze  

Izwi likaSamuweli lafika kuwo wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma wayolwa namaFilisti, wakanisa ngase-Ebheni Ezeri; amaFilisti akanisa e-Afeki.


Sekwedlule konke lokho, uNabothi waseJizreyeli wayenesivini esasiseceleni kwesigodlo senkosi u-Ahabi, inkosi yaseSamariya.


Insali yabalekela emzini e-Afeki; ugange lwawela phezu kwamadoda ayizi-27 000 ayesele. UBheni Hadadi wabalekela emzini, ukuyobhaca.


e-Uma, e-Afekhi, naseRehobhi, imizi enga-20 nemizana yayo.


inkosi yase-Afekhi: iyodwa; inkosi yaseLasharoni: iyodwa;


Babuyela kuye bambikela. Wathi: “Yizwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo wenceku yakhe u-Eliya waseThishibhi, ethi: esiqeshini sezwe eJizreyeli izinja ziyokudla inyama kaJezebheli.


UJehu waya eJizreyeli, uJezebheli wezwa ngalokho, wayesegqaba amehlo akhe, wazihlobisa ikhanda, walunguza ngefasitela.


“USimakade wathi nangoJezebheli: ‘Izinja ziyomudla uJezebheli ngasogangeni eJizreyeli.’


AmaFilisti abuthana, eza, akanisa eShunemi, noSawule waqoqa wonke u-Israyeli, wakanisa eGilibhowa.


Kwase kubuthana bonke abakwaMidiyani, abase-Amaleki, nabantu basempumalanga, bawela iJordani, bakanisa esigodini iJizreyeli.


Indawo yabo kwakuyiJizreyeli, iKhesulothi, iShunemi,


wakuletha phambi kukaSawule naphambi kwezinceku zakhe, badla. Base besuka bengena indlela ngalobo busuku.


wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.


AmaFilisti ezwa ukuthi uDavide ugcotshiwe waba yinkosi kwa-Israyeli, enyuka wonke ayomfuna. UDavide wezwa ngalokho, wayesehlela enqabeni.


noGebhali, u-Amoni, u-Amaleki, iFilistiya nabakhile eThire.


Abozalo lukaJosefa bathi: “Elezintaba alisanele, kodwa wonke amaKhanani ahlala emathafeni anezinqola zensimbi, lawo aseBhethi Sheyani nemizana yalo, nalawo asesigodini iJizreyeli.”


UJerubhali okunguGideyoni, nawo wonke amabutho ayehamba naye, bavuka ekuseni bayokanisa ngasemthonjeni kaHarodi. Inkambu yabakwaMidiyani yayingasenyakatho kwabo, phansi kwegquma iMore, esigodini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite