Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 28:6 - IsiZulu 2020

6 USawule wabuza kuSimakade, kodwa uSimakade akamphendulanga ngamaphupho, nge-Urimi noma nangabaphrofethi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nange-Urimi,* nangabaprofethi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho uSawule ebuza kuJehova, uJehova akamphendulanga, kungengamaphupho, nange-Urimi, nangabaprofethi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 28:6
25 Referans Kwoze  

USawule wabuza kuNkulunkulu wathi: “Ngehle yini ngilandele amaFilisti, na? Uyakuwanikela yini esandleni sabakwa-Israyeli na?” Kepha akamphendulanga ngalolo lusuku.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.


Amasango alo abishe emhlabathini; usakaze, waphoqoza imigoqo yalo. Inkosi nababusi sebephakathi kwezizwe, akasekho ofundisa umthetho, nabaphrofethi abasaboni mbono ovela kuSimakade.


Uyakuma phambi kuka-Eleyazare, umphristi, oyombuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaSimakade; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abakwa-Israyeli, yebo, nayo yonke inhlangano.”


Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, enza intando yakhe, uyamlalela lowo.


Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele.


Umphrofethi onephupho makalande ngalo iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukusanhlamvu na?” kusho uSimakade.


“NgoLevi wathi: ‘IThumimi lakho ne-Urimi lakho makuye kothembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini eMeribha,’


Uyofaka esivikelweni sesifuba sokwehlulela, i-Urimi neThumimi, kuyakuba ngasenhliziyweni ka-Aroni lapho engena phambi kukaSimakade, ngakho-ke u-Aroni uyakuthwala njalo enhliziyweni yakhe phambi kukaSimakade, ukwehlulelwa kwabakwa-Israyeli.”


Ungazigabisi ngekusasa, ngoba awazi ukuthi usuku lukuphatheleni.


Izimpawu zethu asiziboni, akusekho mphrofethi, akekho kithi owaziyo ukuthi kuyoze kube nini.


emugqeni wesine kube yikhrisolithe, yi-oniksi, nejasipheri, konke lokhu kuzungezwe ngezisekelo zegolide.


Wamfaka isivikelo sesifuba, wafaka kuso i-Urimi neThumimi.


USawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.


USamuweli wathi kuSawule: “Ungiphazamiselani ngokuthi ungenyuse na?” USawule waphendula wathi: “Ngihlupheke kakhulu, ngoba amaFilisti alwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli ngabaphrofethi noma ngamaphupho, yingakho ngikubizile ukuze ungazise ukuthi kumele ngenzenjani.”


Bakhala, kepha akubanga bikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kodwa akabaphendulanga.


“Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami phezu kwabo bonke abantu. Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono.


Ababonayo bayakuba namahloni, ababhuli bahlazeke; bonke bayakubamba amadevu abo, ngokuba kungekho mpendulo evela kuNkulunkulu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite