Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 28:21 - IsiZulu 2020

21 Owesifazane waya kuSawule, wambona ukuthi wesaba kakhulu, wayesethi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile impilo yami engcupheni; ngawalalela amazwi akho owakhulume kimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Owesifazane wafika kuSawule, wabona ukuthi wesaba kakhulu, wathi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile ukuphila kwami esandleni sami; ngalalela amazwi akho owawakhuluma kimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Owesifazana wasesiza kuSawuli, wabona ukuthi ukhathazekile kakhulu, wathi kuye: Khangela, incekukazi yakho ililalele ilizwi lakho, njalo nginikele impilo yami esandleni sami, ngalalela amazwi akho owawakhuluma kimi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 28:21
6 Referans Kwoze  

Lapho ngibona ukuthi aningihlenganga, ngabeka impilo yami engcupheni, ngawela ngayolwa nabakwa-Amoni, uSimakade wabanikela esandleni sami. Yini-ke enenze manje nikhuphukele kimi namuhla, ukuzokulwa nami, na?”


Yingani ngibeka ukuphila kwami engcupheni, ngibeka impilo yami ezandleni zami na?


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


Ngokuphazima kweso, uSawule wayesewa walala cu emhlabathini, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi ayeshiwo nguSamuweli. Akabanga namandla, ngoba wayengakaze akuthi mbibi ukudla lonke lolo lusuku nobusuku bonke.


Manje-ke ake ulalele izwi lencekukazi yakho; mangibeke ucezu lwesinkwa phambi kwakho; yidla ukuze uthole amandla bese uqhubeka nendlela yakho.”


Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yagcwala intukuthelo ngalolu daba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningangitshela yini ukuthi ngobani phakathi kwethu abangasenkosini yakwa-Israyeli na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite