Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 28:20 - IsiZulu 2020

20 Ngokuphazima kweso, uSawule wayesewa walala cu emhlabathini, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi ayeshiwo nguSamuweli. Akabanga namandla, ngoba wayengakaze akuthi mbibi ukudla lonke lolo lusuku nobusuku bonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 USawule wayesewela phansi ngekhanda, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, akwabakho mandla kuye, ngokuba akadlanga lutho ngosuku lonke nobusuku bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Khona-ke uSawule wahle wawa phansi emhlabeni wonke, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, kwakungekho mandla kuye; ngoba akadlanga sinkwa imini yonke nobusuku bonke.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 28:20
7 Referans Kwoze  

“Umsize kanjani ongenamandla na? Wayisindisa kanjani ingalo engenamandla na?


USawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.


Ekuseni, selidamukile iwayini kuNabali, umkakhe wamtshela ngalezo zinto, inhliziyo yakhe yaphelelwa ngamandla, waba njengetshe.


USimakade uzonikela u-Israyeli nawe esandleni samaFilisti. Kusasa wena namadodana akho, nizokuba nami; uSimakade uzokunikela nempi yabakwa-Israyeli esandleni samaFilisti.”


Owesifazane waya kuSawule, wambona ukuthi wesaba kakhulu, wayesethi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile impilo yami engcupheni; ngawalalela amazwi akho owakhulume kimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite