Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 27:9 - IsiZulu 2020

9 UDavide walibhubhisa izwe, akaze ashiya muntu ophilayo, owesilisa nowesifazene, wathatha izimvu, izinkabi, izimbongolo, amakameli nezingubo, waya ku-Akhishi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UDavide walichitha izwe, akashiyanga muntu ephilile, owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu, nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UDavide walinqoba izwe, akashiyanga ndoda namfazi ephila, wathatha izimvu, nezinkomo, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, weza ku-Akhishi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 27:9
9 Referans Kwoze  

Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


USawule wawanqoba ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kweGibhithe.


Baphokophelela ukubhubhisa ngenkemba konke okwakulowo muzi, abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, izinkomo nezimvu, nezimbongolo.


UMose wabahola abantu bakwa-Israyeli besuka oLwandle Lomhlanga, baze bafika ehlane iShuri, bahamba izinsuku ezintathu ehlane, kodwa abatholanga manzi.


Izizukulwane zakhe zakha kusukela eHavila kuyoshaya eShuri, eduze nomngcele eGibhithe uma ulibhekise e-Ashuri. U-Ishmayeli wayengumdlwembe phakathi kwabafowabo, ehlala ebachukuluza.


Ingelosi kaSimakade yamthola uHagari ehlane eduze kwesiphethu esasibuqamama nomgwaqo oya eShuri.


Wambamba ephila u-Agagi inkosi yama-Amaleki, waqotha ngenkemba imbokodo nesisekelo.


Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite