Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 27:8 - IsiZulu 2020

8 UDavide nabantu bakhe bakhuphuka, bayohlasela amaGeshuri, amaGirizi, nama-Amaleki, ababehlala eTheleme ngendlela eya eShuri kuya eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UDavide nabantu bakhe benyuka, bangenela amaGeshuri, namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhe kulelo zwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube sezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UDavide nabantu bakhe benyuka, bawahlasela amaGeshuri, namaGesri, nama-Amaleki; ngoba lezo zizwe zazingabakhileyo bezwe kusukela kudala lapho ufika eShuri kuze kube sezweni laseGibhithe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 27:8
22 Referans Kwoze  

“Nanti izwe elisasele: zonke izifunda zamaFilisti nalezo zamaGeshuri,


Nokho u-Israyeli akazange awaxoshe amaGeshuri namaMahakhathi, kodwa amaGeshuri namaMahakhathi ahlala phakathi kwabakwa-Israyeli kuze kube yinamuhla.


No-Efrayimi akawaxoshanga amaKhanani ayehlala eGezeri, kodwa amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.


Nokho-ke abakwazanga ukuwaxosha amaKhanani ayehlala eGezeri; ngakho-ke asahlala phakathi kwabakwa-Efrayimi kuze kube yinamuhla, kodwa bawenza izinceku zokubasebenzela.


UGeshuri no-Aramu bathatha imizana kaJayiremi, iKenathi nemizana yalo, imizi engama-60. Bonke laba babengamadodana kaMakhiri, uyise kaGileyadi.


Inceku yakho, ngesikhathi isahleli eGeshuri e-Aramu, yenza isithembiso, yathi: ‘Uma impela uSimakade engangibuyisela eJerusalema, ngiyakumkhonza uSimakade.’ ”


U-Absalomu wathi kuJowabe: “Ngithumele kuwe, ngathi: ‘Woza lapha ukuze ngikuthume enkosini, uyothi kuyo: “Ngibuyiselweni eGeshuri na? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekhona lapho.” ’ “Ngakho-ke ngicela ukubona ubuso benkosi; uma nginecala, mayingibulale.”


Wayesesuka uJowabe wahamba, waya eGeshuri, wambuyisa u-Absalomu eJerusalema.


Kwathi ngosuku lwesithathu lapho uDavide nabantu bakhe befika eZikilagi, bathola ukuthi ama-Amaleki ayehlasele eNegevu naseZikilagi, alinqoba, alishisa ngomlilo.


Ama-Amaleki aphuma alwa nabakwa-Israyeli eRefidimi.


UMose wabahola abantu bakwa-Israyeli besuka oLwandle Lomhlanga, baze bafika ehlane iShuri, bahamba izinsuku ezintathu ehlane, kodwa abatholanga manzi.


ebusa phezu kwentaba iHermoni, eSalekha, nakulo lonke iBhashani kuze kufike emngceleni wamaGeshuri nowaMahakhathi, nengxenye kwaGileyadi kuya emngceleni kaSihoni inkosi yaseHeshibhoni.


U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, wena uqotho; ngikubone kukuhle emehlweni ami ukuba uphume futhi ubuye nami empini, ngokuba angifumananga bubi kuwe kusukela ngosuku owafika ngalo kimi kuze kube namuhla, kodwa amakhosi awakuboni kukuhle ukuba uhambe nathi.


Eyesebili kwaba nguKhileyabhi ku-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli. Eyesithathu kwaba ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri.


Khona lapho, kwafika izinceku zikaDavide noJowabe zibuya kohlasela, ziphethe impango eningi. U-Abhineri wayesesukile kuDavide eHebhroni, kwazise wayesemhambise ngokuthula.


e-Aramu, kwaMowabi, kubantu bakwa-Amoni, kumaFilisti, kuma-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri, indodana kaRehobhe, inkosi yaseZobha.


Ama-Amaleki ahlala ngaseningizimu; amaHithi, amaJebusi nama-Amori akhe kwelezintaba; kuthi amaKhanani ahlale ngasolwandle olukhulu, agudle iJordani.”


Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite