Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 27:1 - IsiZulu 2020

1 UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawule; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti; uSawule uyakungiyeka, angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UDavida wasesithi enhliziyweni yakhe: Ngolunye usuku ngizabhubha ngesandla sikaSawuli; uSawule uyakudangala ngami ukungifuna ezindaweni zonke zakwa-Israyeli; ngakho ngiyakuphunyuka esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 27:1
29 Referans Kwoze  

“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?


Wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawule, ubaba, asiyukukufumana. Wena uyakubusa phezu kuka-Israyeli, mina ngiyoba ngowesibili embusweni; noSawule ubaba uyakwazi lokho.”


Ithemba elingakagcwaliseki ligulisa inhliziyo; isifiso esiphumelele singumuthi wokuphila.


Ngisosizini, ngathi: “Bonke abantu banamanga.”


Amakhosi amaFilisti adlula ngamakhulu nangezinkulungwane; uDavide nabantu bakhe babengabokugcina ukudlula no-Akhishi.


Kuyothi lapho uSimakade esekwenzile konke okuhle enkosini yami njengoba ekhulumile ngawe, akumise ube ngumbusi kwa-Israyeli.


Umphrofethi uGadi wathi kuDavide: “Ungaqhubeki uhlale enqabeni, kodwa hamba uye kwaJuda.” Wasuka uDavide, wahamba waze wayofika ehlathini eHerethi.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Asishongo yini kuwe siseseGibhithe sathi: ‘Siyeke ukuze sisebenzele abaseGibhithe’ na? Ngokuba bekungcono ukusebenzela abaseGibhithe kunokuba sizofela ehlane.”


Nangesikhathi sifika eMakhedoniya, imizimba yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; kunezingxabano ngaphandle, nokwesaba ngaphakathi.


Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?”


Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”


USimakade usiletheleni kuleli lizwe, ukuba sife ngenkemba na? Omkethu nabantwana bethu bayakuba yimpango, kungcono kithi ukuba siphindele eGibhithe.”


Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


Base bethi abakhuzi bempi yamaFilisti: “Afunani lawa maHebheru lapha na?” U-Akhishi wathi kubo abakhuzi bempi yamaFilisti: “Akusiye yini uDavide, inceku kaSawule, inkosi yakwa-Israyeli, okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.”


UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo wazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthe: ‘UJonathani makangazi ngalokhu, funa abe nosizi.’ Kepha ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho, sinye vo isinyathelo phakathi kwami nokufa.”


UJerobhowamu wathi enhliziyweni yakhe: “Manje umbuso ungahle ubuyele endlini kaDavide.


Inkosi yathola iseluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kwabakwa-Israyeli: “Sekwanele manje ukuba nilokhu nikhuphukela eJerusalema; manje nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.”


Esekuzwile lokho u-Eliya, wasuka wahamba ukuze asindise impilo yakhe, waya eBheri Sheba kwaJuda, wayishiya khona inceku yakhe.


U-Amaziya, inkosi yakwaJuda, eselulekiwe wathumela kuJowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibonane ubuso nobuso.”


Bengiyakubaleka, ngiye kude, ngihlale ehlane. Sela


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite