Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 26:24 - IsiZulu 2020

24 Futhi bheka, njengoba ukuphila kwakho kube kukhulu emehlweni ami namuhla, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaSimakade; makangisindise ekuhluphekeni konke.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Futhi bheka, njengalokho ukuphila kwakho kwakukukhulu ngalolo suku emehlweni ami, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaJehova, yena angophule ekuhluphekeni konke.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Bheka, njengoba nje umphefumulo wakho unqunyiwe emehlweni ami kuze kube namuhla, kanjalo umphefumulo wami mawuqine phambi kukaJehova, futhi makangisindise kuzo zonke izinhlupheko.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 26:24
17 Referans Kwoze  

Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


Sikhulekeleni nokuba sikhululwe kubantu abonakeleyo nababi, ngokuba akusibo bonke abakholwayo.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, nani niyakwahlulelwa ngakho, nangesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.


umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa izizwe phansi kwami.


Igama lakho lingikhulule kuzo zonke izinkathazo, iso lami lizibonile izitha zami zinqotshwa.


UNkulunkulu ungiphindiselele, wenza abantu bazithobe phansi kwami. Wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.


Uhlala ethembekile kulabo abethembekile kuye, abangenasici ubavuza ngezipho ezipheleleyo.


Ngiyakuthanda, Simakade, ongamandla ami.


Ingelosi engihlenge ezingozini zonke, makabusise laba bafana, ukuze ngabo igama lami nelokhokho bami o-Abhrahama no-Isaka lichume njalo. Sengathi banganda babe baningi emhlabeni.”


Kwakuthi njalo lapho kuhlasela abakhuzi bempi yamaFilisti, uDavide wayehlabana ngokudlulele kunazo zonke izinceku zikaSawule; igama lakhe laduma kakhulu.


Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Ngabe yizwi lakho leli, ndodana yami, Davide, na?” USawule wadazuluka, wakhala.


UDavide wabaphendula oRekhabhi noBhahana, umfowabo, amadodana kaRimoni waseBherothi, wathi kubo: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owuhlengile umphefumulo wami kulo lonke usizi.


Uvikela wonke amathambo akhe, akuyukwaphulwa nalinye kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite