Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 26:21 - IsiZulu 2020

21 USawule wathi: “Ngonile; buya, ndodana yami, Davide, ngokuba angizukukulimaza futhi, njengoba ukuphila kwami kube yigugu emehlweni akho namuhla; ngenzise okwesiwula, ngidukile kakhulu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 USawule wathi: “Ngonile; buya, ndodana yami Davide, ngokuba angisayikukulimaza, lokhu ukuphila kwami bekuyigugu emehlweni akho namuhla; bheka, ngenze okwesiwula, ngidukile kakhulu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 USawuli wasesithi: Ngonile; buya, ndodana yami Davide, ngokuba angisayikukwenza okubi, ngokuba umphefumulo wami ubuyigugu emehlweni akho namuhla;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 26:21
16 Referans Kwoze  

Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.


USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngeqa umthetho kaSimakade namazwi akho, ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.


UFaro wathumela wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Kulokhu ngonile; uSimakade ulungile, mina nabantu bami sinecala.


wathi: “Ngonile ngakhaphela ongenacala.” Bona bathi: “Pho uthi asenzeni thina? Zibonele wena.”


Wayesethi uSawule: “Impela ngonile, kodwa ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuSimakade uNkulunkulu wakho.”


Kuyigugu emehlweni kaSimakade, ukufa kwabangcwele bakhe.


Ngokuba ukuhlengwa kwempilo yakhe kubiza kakhulu, ngeke kwafinyelelwa kukho nanini,


Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekele eGathi; akabe esamfuna futhi.


Futhi bheka, njengoba ukuphila kwakho kube kukhulu emehlweni ami namuhla, ukuphila kwami makube kukhulu emehlweni kaSimakade; makangisindise ekuhluphekeni konke.”


Kwakuthi njalo lapho kuhlasela abakhuzi bempi yamaFilisti, uDavide wayehlabana ngokudlulele kunazo zonke izinceku zikaSawule; igama lakhe laduma kakhulu.


UBhileyamu wathi engelosini kaSimakade: “Ngonile ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni, umelene nami; uma kukubi ukuba ngiqhubekele phambili, ngizophindela emuva.”


UDavide waphendula wathi: “Bheka, umkhonto, nkosi! Makuwele enye yezinsizwa, iwulande.


Iyokhulula impilo yabo kumcindezeli nonendluzula, igazi labo liyigugu emehlweni ayo.


USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ubuwula, awuwugcinanga umyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho akuyale ngawo. USimakade ubezowuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade,


Yabuye yathumela induna yesithathu yabangama-50 inama-50 ayo. Yakhuphuka leyo nduna yesithathu, yafike yaguqa phambi kuka-Eliya, yamncenga, yathi: “Muntu kaNkulunkulu ngiyakunxusa, ukuphila kwami nokwalezi zinceku zakho ezingama-50 makube yigugu emehlweni akho.


Bheka, kwehle umlilo uvela ezulwini, waqothula izinduna ezimbili zokuqala zabangama-50, kodwa manje ngiyakunxusa, impilo yami mayibe yigugu emehlweni akho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite