Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:36 - IsiZulu 2020

36 U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe, ngokuba wayephuze kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe njengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayijabule phakathi kwakhe, ngokuba wayedakwe kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho, okukhulu noma okuncane, kwaze kwasa.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:36
27 Referans Kwoze  

Iwayini liyisedeleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.


U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Kwathi sekwedlule iminyaka emibili yonke, abagundi bezimvu baka-Absalomu babeseBhali Hazori eliseduzane nakwa-Efrayimi, u-Absalomu wamema wonke amadodana enkosi.


Wathi ezincekwini zakhe: “Hambani phambi kwami; ngiyanilandela.” Kepha akayitshelanga lutho indoda yakhe, uNabali.


Asiziphathe kahle njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu.


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Wayesethi kommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma sakusihlwa, ungamemi abangani bakho, abafowenu, umndeni wakini, nomakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, lokho kube ngumvuzo kuwe.


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


bazinikela ekufebeni, ewayinini, nasewayinini elisha, okususa ingqondo.


Ngiyakudakisa izikhulu zalo; izihlakaniphi zakhona, izinduna zalo, ababusi balo, namabutho alo; bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.


Uyakufihliza ngezinyawo umqhele wokuzikhukhumeza, wezidakwa zakwa-Efrayimi.


Maye kulabo abavuka ekuseni bathungathe uphuzo olunamandla, balibale kuze kuhlwe, badakwe yiwayini!


Ukudla kwenzelwe ukwenama, newayini ukuba kuthakaswe, imali iyimpendulo yezinto zonke.


Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.


Baphuma emini. UBheni Hadadi wayezigcingca ngotshwala emadokodweni, ekanye namakhosi angama-32 ayemsiza.


Ekuseni, selidamukile iwayini kuNabali, umkakhe wamtshela ngalezo zinto, inhliziyo yakhe yaphelelwa ngamandla, waba njengetshe.


U-Abhineri wafika kuDavide eHebhroni namadoda angama-20. UDavide wamenzela idili u-Abhineri namadoda ayenawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite