Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:23 - IsiZulu 2020

23 Lapho u-Abhigayili embona uDavide, washesha wehla embongolweni yakhe, wakhothama wathi mbo ngobuso phambi kukaDavide.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Lapho u-Abigayili embona uDavide, washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Lapho u-Abhigayili ebona uDavide, wehla ngokushesha embongolweni wawa ngobuso phambi kukaDavide wakhothamela phansi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:23
12 Referans Kwoze  

Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhala, yilowo nalowo ekhalela umngani wakhe, uDavide wakhala kakhulu.


Wathi lapho efika kuye, wamnxusa ukuba acele insimu kuyise. Lapho ehla embongolweni yakhe, uKhalebhu wathi kuye: “Ufunani, na?”


Lapho efika kuye, wamcela ukuba acele insimu kuyise. Lapho ehla embongolweni yakhe, uKhalebhu wathi kuye: “Ufunani, na?”


UDavide naye wasuka kamuva, waphuma emgedeni, wammemeza uSawule, wathi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama wathi mbo ngobuso, wakhuleka.


URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?”


Wayewele ngasezinyaweni zikaDavide, wayesethi: “Sale usulethwesa mina lelo cala nkosi yami, ngicela uyivumele incekukazi yakho ikhulume nawe, uyilalele ukuthi ithini incekukazi yakho.


Wasukuma, wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqila esigeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.”


Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.


UMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, wafika kuDavide, wakhothama wathi mbo ngobuso. UDavide wathi: “Mefibhoshethi.” Wathi: “Inceku yakho ilapha.”


Owesifazane waseThekhowa wafika phambi kwenkosi, wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wayesethi: “Siza, nkosi.”


Wayesememeza u-Ahimahazi, wathi enkosini: “Bayede!” Wakhothama phambi kwenkosi, ebhekise phansi ubuso bakhe, wathi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho, onikele abantu abebefuna ukubulala inkosi yami.”


UDavide wafika ku-Orinani, u-Orinani wabheka, wabona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothama kuDavide, ubuso bakhe bubheke phansi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite