Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:21 - IsiZulu 2020

21 UDavide wayethe: “Impela konke kuyize ukuthi mina ngakuvikela konke lo muntu anakho, manje usengibonga ngokwenza into embi kanje kimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UDavide wayeshilo ukuthi: “Impela ngikugcinele ize konke lowo muntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UDavida wasesithi: Isibili, mina ngalinda ngeze konke alakho lumuntu enkangala, kakuswelekanga lutho kukho konke okwakhe, wabuyisela ububi bami ngokuhle.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:21
19 Referans Kwoze  

Ophindisela okuhle ngokubi, ububi abuyukusuka endlini yakhe.


Makususwe kini bonke ubumunyu, intukuthelo, ulaka, umsindo, ukuhlambalaza, nakho konke okubi.


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.


Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma lokho kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka ngokwenza okubi.


Qaphelani ukuba kungabi bikho muntu ophindisela komunye okubi ngokubi, kodwa phokophelani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye, nakubo bonke abanye.


Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.


Okuhle kuyaphindiselwa yini ngokubi na? Nokho bangimbele umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakho; ngakhuluma okuhle ngabo, nokunqanda ulaka lwakho kubo.


abaphindisela okuhle ngokubi, bengethwesa icala, ngokuba mina ngenza okulungileyo.


Deda entukuthelweni, uyeke ulaka, ungakhathazeki, lokho kuholela ebubini nje.


Okuhle engikwenzile bakubuyisela ngokubi, inhliziyo yami bayiswabisile.


bangabantwana beziwula, abantwana babantu abangenagama, bayashaywa, baxoshwe ezweni.


UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe. Kwakhuphuka abantu kungathi abangama-400 belandela uDavide, kwathi abangama-200 basala nempahla.


Esahambe ibangana ukusuka emzini, uJosefa wathi enduneni yakhe: “Suka uwalandele lawo madoda, lapho uwafica uthi kuwo: ‘Niphindiselani okuhle ngokubi na?


“ ‘Manje ngizwile ukuthi unabagundi bakho lapho. Abelusi bakho bebenathi, asibalimazanga, abalahlekelwanga yilutho ngazo zonke izinsuku beseKharmeli.


Labo bantu basiphatha kahle, asilimalanga, asilahlekelwanga yilutho zonke izinsuku sihambisana nabo sisendle;


Kwathi esagibele embongolweni, ehla endaweni esithekileyo esentabeni; kwase kwehlela kuye uDavide nabantu bakhe ukuba bahlangane naye, nembala wahlangana nabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite