Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 25:1 - IsiZulu 2020

1 USamuweli wafa; u-Israyeli wonke wahlangana, wamlilela, wawusummbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wayesesuka, ehlela ehlane ePharanu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 USamuweli wafa; wahlangana wonke u-Israyeli, wamlilela, wammbela ngasendlini yakhe eRama. UDavide wasuka, wehlela ehlane lasePharanu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wafa uSamuweli; bonke abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamlilela, bammbela endlini yakhe eRama. UDavide waqeda, wehlela ehlane lasePharanu.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 25:1
20 Referans Kwoze  

USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.


Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.


Inhlangano yonke yabona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela izinsuku ezingama-30, yonke indlu yakwa-Israyeli.


UManase wayeselaliswa kokhokho bakhe, bammbela endlini yakhe. U-Amoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundeni sakhe.


Amadoda akholwayo amngcwaba uStefani, amkhalela isililo esikhulu.


Abantu bakwa-Israyeli baqala uhambo lwabo besuka ehlane iSinayi, ifu laze lema ehlane iPharanu.


Esahlezi ehlane ePharanu, unina wamtholela umfazi eGibhithe.


UBhenaya, indodana kaJehoyada, wenyuka wamthelekela, wambulala, wembelwa endlini yakhe ehlane.


UMose wawathuma amadodana esuka ehlane iPharanu ngesiyalezo sikaSimakade. Wonke lawo madoda ayeyizinhloko zabantu bakwa-Israyeli.


Wonke amakhosi ezizwe, wonke alale ngodumo, yileyo naleyo edlinzeni layo.


Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMeshekhi, ngihleli phakathi kwamathende akwaKhedari.


USamuweli wayebuyela eRama ngoba indlu yakhe yayilapho, wamehlulela u-Israyeli ekhona, wamakhela lapho uSimakade i-althare.


Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.


Emveni kwalokho abantu basuka eHazerothi bakanisa ehlane iPharanu.


Abakhileyo eKhanani bezwa leso sililo eGoreni Hathadi, bathi: “Saze sasikhulu isililo sabantu baseGibhithe bo!” Ngakho-ke bayiqamba leyo ndawo engaphesheya komfula iJordani ngokuthi kuse-Abeli Mizirayimi, okusho ukuthi yiSililo sabaseGibhithe.


namaHori asezintabeni eSeyiri, bawanqoba, bawaxosha aze afika e-Eli Pharani ehlane.


UManase walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa ensimini esigodlweni sakhe, insimu ka-Uza. U-Amoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Wafela emzini waseKhiriyathi Arbha, okusho ukuthi eHebhroni eKhanani. U-Abhrahama wangena, walila ngoSara.


Bavuka ekuseni kakhulu bakhuleka phambi kukaSimakade, base bebuyela emuva endlini yabo eRama. U-Elikhana walala nomkakhe, uSimakade wamkhumbula uHana.


“Baphi okhokho benu na? Ngabe abaphrofethi basaphila yini kuze kube phakade na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite