Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 24:9 - IsiZulu 2020

9 UDavide wayesethi kuSawule: “Uwalaleleleni amazwi abekhulunywa ngabantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UDavide wathi kuSawule: “Ulalelelani amazwi abantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UDavida wasesithi kuSawuli: Kungani ulalela amazwi akho othi: Khangela, uDavida ufuna ukukulimaza?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 24:9
19 Referans Kwoze  

Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izikhulu zakhe ziyakhohlakala.


Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo.


Ulimi oluhubhuza amanga luyabazonda olubalimazile; nomlomo othophayo uyabhubhisa.


Umoya wasenyakatho uletha imvula, nolimi oluhlebayo ludala ubuso obuthukuthele.


Amazwi enhlebi anjengezibiliboco, ehlela ezibilini zomuntu.


Owenza okubi uqaphela izindebe zenkohlakalo, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.


Umuntu owonakeleyo udala ingxabano, nexoki lehlukanisa abangani.


Abehluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.


Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo.


Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


“ ‘Awuyukuhamba unyevuza phakathi kwabantu bakini. Awuyukufuna nzuzo ngegazi likamakhelwane wakho; nginguSimakade.


UDavide wabaleka eNayothi eRama, waya kuJonathani, wathi kuye: “Ngenzeni na? Liyini icala lami? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


UDavide naye wasuka kamuva, waphuma emgedeni, wammemeza uSawule, wathi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama wathi mbo ngobuso, wakhuleka.


Uyabona-ke, namuhla uzibonele ngawakho amehlo ukuthi uSimakade ubekunikele esandleni sami emgedeni. Abanye bathe mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angisoze ngiyibulale inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaSimakade.’


UDavide wathi: “Inkosi yami iyihubhelani inceku yayo na? Ngenzeni na? Bubi buni lobu engibenzile na?


UJeremiya wayesethi enkosini uZedekiya: “Ngoneni kuwe, nasezincekwini zakho, nakulaba bantu ukuba ningifake ejele na?


Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhala, yilowo nalowo ekhalela umngani wakhe, uDavide wakhala kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite