Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 24:5 - IsiZulu 2020

5 Emveni kwalokho uDavide wazisola enhliziyweni yakhe, ngoba wayesike umphetho wengubo kaSawule.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwathi ngasemuva uDavide wahlabeka enhliziyweni, ngokuba wayesikile umphetho wengubo kaSawule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngasemuva inhliziyo kaDavide yamshaya, ngokuba wayesikile ingubo kaSawule.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 24:5
6 Referans Kwoze  

UDavide wahlabeka enhliziyweni emveni kokuba esebabalile abantu, wathi kuSimakade: “Ngonile kakhulu ngalokhu engikwenzileyo. Kepha manje, Simakade, siza uthethelele isiphambeko esenziwe yinceku yakho, ngokuba yenze ubuwula obukhulu.”


ngenxa yokuba inhliziyo yakho ithambile, wazithoba phambi kukaSimakade, ngesikhathi uwezwa, lokho engakukhuluma kule ndawo nakwabakhileyo kuyo, ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, wawusuklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, nami ngikuzwile, kusho uSimakade.


Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni,


U-Abhishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu usinikele esandleni sakho isitha sakho namuhla, ngakho-ke mangimbhokode kanye ngomkhonto ngimhlanganise nomhlabathi, ngingamphindi.”


Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe, kodwa zihlakaze ngamandla akho, uziqumbe phansi, Nkosi, sihlangu sethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite