Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 23:26 - IsiZulu 2020

26 USawule wahamba ngapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba. UDavide washesha wambalekela uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide nabantu bakhe ukuze bababambe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 USawule wahamba ngalapha kwentaba, uDavide nabantu bakhe bahamba ngale kwentaba; uDavide washesha wahamba ngokumesaba uSawule, ngokuba uSawule nabantu bakhe bahaqa uDavide nabantu bakhe ukuba bababambe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 USawuli wasesuka waya ngaphetsheya kwentaba, loDavida labantu bakhe bengapha kwentaba; ngoba uSawule nabantu bakhe bamhaqa uDavide namadoda akhe ukuba bababambe.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 23:26
17 Referans Kwoze  

kwababi abangicindezelayo, nasezitheni zami ezingihaqileyo.


Zase zikhuphukela phezu kobubanzi bomhlaba, zazungeza inkambu labangcwele nomuzi othandiweyo, kwase kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda.


Bazalwane, asithandi ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sabhekana nobunzima obungaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.


Ngenxa yovalo mina ngithe: “Ngixoshiwe phambi kwamehlo akho.” Kepha ukuzwile ukunxusa kwami ngesikhathi ngikhala kuwe.


Ngokuba izinja zingihaqile, umgwamanda wabenzi bokubi ungizungezile. Izandla nezinyawo zami bazibhobozile.


Ngihaqwe yizinkunzi zaseBhashani eziningi, ezinamandla, zingizungezile.


Ziyangilandela noma ngiyaphi, ziyangizungeza, zingithe njo ngamehlo azo, ukuze zingithele othulini.


Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”


UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, masibalekeni, ngokuba uma singenzi kanjalo, akukho namunye ozophunyuka ku-Absalomu. Sheshisani sihambe, funa asificezele, asenzakalise, awubhubhise nalo muzi ngenkemba.”


Waqhubeka uJonathani wamemeza engasemuva komfana, ethi: “Shesha, uphuthume, ungemi.” Umfana kaJonathani wayiqoqa imicibisholo, weza nayo kumniniwakhe.


UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitela. UDavide wahamba, wabaleka, waphunyuka kanjalo-ke.


AbaseGaza batshelwa ukuthi: “USamsoni ufikile lapha.” Bayizungeza indawo, bamlalela unyendle ubusuku bonke, esangweni lomuzi. Bathula ubusuku bonke, bethi: “Masilinde kuze kube nokukhanya kokusa, bese siyambulala.”


USawule nabantu bakhe baphuma bayomfuna uDavide. UDavide wabikelwa ngalokho, wayesehlela edwaleni, wahlala ehlane eMahoni. USawule wakuzwa lokho, wamlandela uDavide ehlane eMahoni.


Kwafika isithunywa kuSawule, sathi: “Phuthuma uze, ngokuba amaFilisti alihlasele izwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite