Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:5 - IsiZulu 2020

5 Umphrofethi uGadi wathi kuDavide: “Ungaqhubeki uhlale enqabeni, kodwa hamba uye kwaJuda.” Wasuka uDavide, wahamba waze wayofika ehlathini eHerethi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Umprofethi uGadi wathi kuDavide: “Ungahlali enqabeni; hamba uye ezweni lakwaJuda.” Wayesesuka uDavide, wafika ehlathini laseHereti.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wayesethi umprofethi uGadi kuDavide: “Ungahlali enqabeni yasezintabeni; suka uye ezweni lakwaJuda. UDavide wayesehamba, wafika ehlathini laseHereti.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:5
8 Referans Kwoze  

Wamisa abaLevi endlini kaSimakade bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu njengalokhu uDavide noGadi, umboni wenkosi, noNathani umphrofethi, babeyalezile, ngokuba isiyalezo sasivela kuSimakade ngomlomo wabaphrofethi bakhe.


Izinto ezenziwa nguDavide ekuqaleni nasekugcineni, zonke zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, encwadini yezindaba zikaNathani umphrofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni.


USimakade wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi:


Lapho uDavide evuka ekuseni, kwafika izwi likaSimakade kumphrofethi uGadi, umboni kaDavide, lathi:


Wabayisa enkosini yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni.


UDavide ngaleso sikhathi wayesenqabeni, ibutho lamaFilisti liseBhethlehema.


Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi.


UDavide wayesenqabeni, impi yamaFilisti yayikanise ngaseBhethlehema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite