Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:4 - IsiZulu 2020

4 Wabayisa enkosini yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wabaletha phambi kwenkosi yakwaMowabi, bahlala kuye zonke izinsuku uDavide esenqabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wabayisa phambi kwenkosi yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni yasezintabeni.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:4
15 Referans Kwoze  

Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni.


Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.


Ngamphendula ngathi: “Ngabe indoda enjengami nje ingabaleka yini na? Ngabe indoda efana nami ingangena yini ethempelini ukuze isindise impilo yayo na? Ngeke ngingene kulo.”


Wamisa abaLevi endlini kaSimakade bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu njengalokhu uDavide noGadi, umboni wenkosi, noNathani umphrofethi, babeyalezile, ngokuba isiyalezo sasivela kuSimakade ngomlomo wabaphrofethi bakhe.


Izinto ezenziwa nguDavide ekuqaleni nasekugcineni, zonke zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, encwadini yezindaba zikaNathani umphrofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni.


USimakade wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi:


Abanye bozalo lukaBhenjamini nabakwaJuda bafika kuDavide esenqabeni.


Lapho uDavide evuka ekuseni, kwafika izwi likaSimakade kumphrofethi uGadi, umboni kaDavide, lathi:


UDavide wasuka lapho, waya eMizpha, kwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ngicela ukuba ungikhoselisele ubaba nomama, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakungenzelani.”


Umphrofethi uGadi wathi kuDavide: “Ungaqhubeki uhlale enqabeni, kodwa hamba uye kwaJuda.” Wasuka uDavide, wahamba waze wayofika ehlathini eHerethi.


Wabanqoba nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa phansi emhlabathini. Bonke abalinganiswa kabili ngobude bentambo babulawa, kwathi labo abalinganiswa kanye ngobude bayo bayekwa baphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


UDavide wayesenqabeni, impi yamaFilisti yayikanise ngaseBhethlehema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite