Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:3 - IsiZulu 2020

3 UDavide wasuka lapho, waya eMizpha, kwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ngicela ukuba ungikhoselisele ubaba nomama, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakungenzelani.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UDavide wasuka khona, waya eMispa lakwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ake beze ubaba nomame, bahlale kini, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UDavide wasuka lapho, waya eMispa yakwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Mabaphume ubaba nomame, bahlale nawe, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:3
15 Referans Kwoze  

Kepha uma umfelokazi enabantwana noma abazukulu, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, benze okufaneleyo kubazali babo bekhombisa ukubonga, ngokuba lokho kwamukelekile phambi kukaNkulunkulu.


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “UnguSimakade; makenze okuhle emehlweni akhe.”


Abesifazane abangomakhelwane bakaNawomi bamqamba igama bathi ngu-Obhedi, ngokuba bethi: “Le ngane izalelwe uNawomi, iyindodana yakhe.” Waba nguyise kaJese, uyise kaDavide.


NoRuthi wakwaMowabi umkaMahaloni ngimngenile ukuba abe ngumkami, ngivuse igama likamufi nefa lakhe ukuze angacinywa ezincwadini zomuzi nasemndenini. Namuhla nonke ningofakazi.”


UMoya kaSimakade wehlela phezu kukaJeftha, wadabula kwaGileyadi nakwaManase. Wedlulela eMizpha kwaGileyadi, wasuka eMizpha kwaGileyadi waya kubantu bakwa-Amoni.


Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabanika indawo eGibhithe, indawo enhle kakhulu eRamesesi njengoba uFaro ayebayalile.


Kwaqoqana bonke abahluphekayo, abanezikweletu, nabo bonke abadabukile enhliziyweni, yena waba yinduna ebaphethe. Babebalelwa cishe ema-400.


Wabayisa enkosini yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni.


Wabanqoba nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa phansi emhlabathini. Bonke abalinganiswa kabili ngobude bentambo babulawa, kwathi labo abalinganiswa kanye ngobude bayo bayekwa baphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite