Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:2 - IsiZulu 2020

2 Kwaqoqana bonke abahluphekayo, abanezikweletu, nabo bonke abadabukile enhliziyweni, yena waba yinduna ebaphethe. Babebalelwa cishe ema-400.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu, waba yinduna phezu kwabo; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwabuthana kuye bonke abasosizini, nabo bonke abanezikweletu, nabo bonke ababengasuthiki; waba ngumbusi phezu kwabo, enamadoda angaba ngamakhulu amane.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:2
22 Referans Kwoze  

“Zanini kimi, nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, ngizakuniphumuza.


UDavide wayekhathazekile kakhulu, ngoba abantu base bebhunga ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, ngenxa yamadodana namadodakazi abo. Kepha uDavide wathola amandla kuSimakade uNkulunkulu wakhe.


UDavide wathi kubantu bakhe: “Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe.” Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe. Kwakhuphuka abantu kungathi abangama-400 belandela uDavide, kwathi abangama-200 basala nempahla.


Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangama-600, baphuma eKheyila, basabalala. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKheyila; wayeseyeka ukuya lapho.


“Kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela kuwe umuntu wakwaBhenjamini; uyakumgcoba abe ngumholi wabantu bami u-Israyeli. Uyobasindisa abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibabonile abantu bami, nokukhala kwabo sekufinyelele kimi.”


Umphefumulo wakhe wawunomunyu kakhulu; wakhuleka kuSimakade, wakhala kabuhlungu.


UJeftha wayesebaleka kubafowabo, wahlala eThobi. UJeftha wazungezwa yizephulamthetho ayephuma ahlasele nazo.


Ngokuba kwakumfanele Yena, okukhona konke ngenxa yakhe, futhi okukhona ngaye, ukuba lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko lowo oyisiqalo sensindiso yabo.


Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhabhadisi kuze kube manje, umbuso wezulu uyaphangwa, nabawuphangayo bayawuhlwitha.


Nika uphuzo olunamandla kobhubhayo, newayini konomunyu enhliziyweni.


“Buyela kuHezekiya umbusi wabantu bami, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizokuphilisa, bese ngosuku lwesithathu ukhuphukela endlini kaSimakade.


UHushayi wabuye wathi: “Uyazi ukuthi uyihlo nabantu bakhe bangamaqhawe, nokuthi bacasukile ezinhliziyweni, bafana nebhele elephucwe amazinyane alo ehlane. Uyihlo uyindoda yempi, akasoze alala lapho kulele khona abantu.


Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”


AbakwaDani bathi kuye: “Izwi lakho malingezwakali kithi, funa amadoda abilelwa ngamakhanda akusoconge, ufe wena nabendlu yakho.”


UDavide wasuka lapho, waya eMizpha, kwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ngicela ukuba ungikhoselisele ubaba nomama, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakungenzelani.”


Owesifazane othile owayegane omunye wamadodana abaphrofethi, waya ku-Elisha wakhala, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile, uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uSimakade. Kufike umtshelekisi, ufuna ukuzithathela abafana bami ababili ukuze babe yizigqila.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite