Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:19 - IsiZulu 2020

19 INobhi, umuzi wabaphristi wawubhubhisa ngenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi, izimbongolo nezimvu, wakubhubhisa ngenkemba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 INobi, umuzi wabapristi, walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 INobi, umuzi wabapristi, walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, nabantwana, nezinsana, nezinkomo, nezimbongolo, nezimvu, ngosiko lwenkemba.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:19
13 Referans Kwoze  

Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.


Kuyakuqubuka ukuxokozela phakathi kwabantu bakho, zibe yincithakalo zonke izinqaba zakho, njengencithakalo eyenziwa uShalimani, eBhethi Aribheli ngosuku lwempi, kuphihlizwa unina nezingane.


Namuhla izokanisa eNobhi, izakuzivocavocela intaba yendodakazi yaseZiyoni negquma eJerusalema, isibhakela sayo.


e-Anathothi, eNobhi, e-Ananiya,


Inkosi yayisithumela ukuba kuyobizwa u-Ahimelekhi, umphristi, indodana ka-Ahithubi, nendlu yonke kayise, abaphristi ababeseNobhi; bonke beza enkosini.


UDowegi wakwa-Edomi owayemi nezinceku zikaSawule waphendula, wathi: “Ngayibona indodana kaJese ifika eNobhi ku-Ahimelekhi, indodana ka-Ahithubi.


UDavide wayeseya eNobhi ku-Ahimelekhi, umphristi. U-Ahimelekhi wamhlangabeza uDavide ethuthumela, wathi kuye: “Kungani uhamba wedwa, ungakhashwa muntu na?”


Kodwa uSawule nabantu abambulalanga u-Agagi kanye nempahla yekhethelo; izimvu, izinkabi, amawundlu nakho konke okuhle. Konke okudelelekileyo nokondileyo bakubhubhisa.


Baphokophelela ukubhubhisa ngenkemba konke okwakulowo muzi, abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, izinkomo nezimvu, nezimbongolo.


Umuzi nakho konke okukuwo kuyakunikelwa kuSimakade, ubhujiswe, nguRahabi isifebe kuphela nabo bonke abanaye endlini yakhe abayosinda, ngokuba wathukusa izinhloli zethu esasizithumele.


bathi kuye: “Uyakuzwa yini lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anifundanga yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo, uzilungisele indumiso’ na?”


Wambamba ephila u-Agagi inkosi yama-Amaleki, waqotha ngenkemba imbokodo nesisekelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite