Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:17 - IsiZulu 2020

17 Inkosi yathi ezigijimini ezazimi ngakuyo: “Phendukani, nibulale abaphristi bakaSimakade, ngokuba nabo bahlangene noDavide, bathe bazi ukuthi uyabaleka, kodwa abaze bangitshela.” Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo zibulale abaphristi bakaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Inkosi yathi kuzo izigijimi ezazimi ngakuyo: “Sondelani, nibulale abapristi bakaJehova, ngokuba nesandla sabo sinaye uDavide nangokuba bazi ukuthi uDavide wabaleka, bengakwambulelanga kimi.” Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zisukele abapristi bakaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Inkosi yayisithi kwabahamba ngezinyawo ababemi nxazonke: “Phendukani, nibulale abapristi bakaJehova; ngokuba isandla sabo sinoDavide, nangenxa yokuthi bazi ngesikhathi ebaleka, bengangazisanga. Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zihlasele abapristi bakaJehova.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:17
15 Referans Kwoze  

Kepha ababelethisi babemesaba uNkulunkulu, abazange benze njengokuyala kwenkosi yaseGibhithe, kodwa babayeka abafana baphila.


Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani osilethele lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? Siyafunga siyagomela phambi kukaSimakade, makungenzeki lokho; akuyukuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenze noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga uJonathani, akabulawanga.


Kepha uPhethro noJohane babaphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,


Kwathi lapho eqeda ukunikela ngomnikelo wokushiswa, uJehu wathi kubalindi nasezinduneni: “Hambani nibabulale, kungaphunyuki ngisho noyedwa.” Bababulala ngenkemba. Abalindi nezinduna babantshinga phandle, bangena ekamelweni eliphakathi lendlu kaBhali.


ngokuba kwathi lapho uJezebheli ebulala abaphrofethi bakaSimakade, u-Obhadiya wabathatha abaphrofethi abayikhulu, wabafihla ngama-50 emgedeni ngamunye, wabondla ngesinkwa nangamanzi.


U-Adoniya, indodana kaHagithi, wayeziphakamisa, ethi: “Yimi engizokuba yinkosi.” U-Adoniya wazilungiselela inqola yempi nabamahhashi, nabantu abangama-50 ukuba bagijime phambi kwakhe.


Kwathi emveni kwalokho u-Absalomu wazakhela inqola yempi, wazitholela amahhashi, namadoda angama-50 ayezogijima phambi kwakhe.


Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”


USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe wena nendodana kaJese lapho uyinika isinkwa, nenkemba, wayibuzela kuNkulunkulu ukuba imelane nami, ingilalele unyendle njenganamuhla na?”


USawule wamciba ngomkhonto efuna ukumgwaza ngawo; uJonathani wase azi ukuthi uyise uhlose ukubulala uDavide.


Wathi: “Nansi indlela inkosi eyonibusa ngayo: izothatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;


Uyabona-ke, ziyeza izinsuku engiyakunquma ngazo amandla akho namandla endlu kayihlo ukuze kungabi bikho ngwevu endlini yakho,


Inkosi yayisithi: “Impela uzakufa nokufa wena Ahimelekhi, nayo yonke indlu kayihlo.”


Inkosi uRehobhowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinika izinduna zabaqaphi ababeqapha umnyango wenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite