Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 22:14 - IsiZulu 2020

14 U-Ahimelekhi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabaqaphi bakho, nodumileyo endlini yakho na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Ahimeleki waphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Ahimeleki wayeseyiphendula inkosi, wathi: “Ngubani phakathi kwezinceku zakho zonke othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, ohamba ngokomyalo wakho, odumileyo endlini yakho, na?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 22:14
13 Referans Kwoze  

UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyobulawelwani? Wenzeni na?”


USimakade uyakuphindisela, kube yilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokwethembeka kwakhe, lokhu uSimakade ekunikele esandleni sami namuhla, angivumanga ukwelula isandla sami ngibulale ogcotshiweyo kaSimakade.


Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale.


USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe wena nendodana kaJese lapho uyinika isinkwa, nenkemba, wayibuzela kuNkulunkulu ukuba imelane nami, ingilalele unyendle njenganamuhla na?”


UDavide wathi ku-Ahimelekhi, umphristi: “Inkosi ingithume udaba olubucayi, yangidonsa ngendlebe yathi: ‘Makungabi bikho muntu ozwa ngalolu daba engikuthume lona.’ Izinsizwa zami zingilinde ndawana thizeni.


UDavide nabantu bakhe basuka baya kumaFilisti, babulala angama-200. UDavide waletha amajwabu awo; bawayisa enkosini ephelele ukuba abe ngumkhwenyana wenkosi. USawule wayesemganisela uMikhali, indodakazi yakhe, waba ngumkakhe.


USawule wamqhelisa kuye, wayesembeka ukuba abe ngumkhuzi wempi yakhe yenkulungwane; ehola abantu, ephuma engena nabo.


Bonke abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukele ukweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.”


Thethelela, ngiyakucela, icala lencekukazi yakho, ngokuba uSimakade uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela, lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaSimakade; ububi abuyukufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite