Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 21:8 - IsiZulu 2020

8 UDavide wayesebuza u-Ahimelekhi, ethi: “Akukho mkhonto noma inkemba lapha na? Angifikanga nenkemba yami noma izikhali zami, ngoba udaba lwenkosi luyaphuthuma.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UDavide wathi ku-Ahimeleki: “Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UDavide wathi ku-Ahimeleki: “Akukho mkhonto noma inkemba phansi kwesandla sakho na? ngoba angizange ngilethe inkemba yami lezikhali zami, ngoba udaba lwenkosi lwaluphuthuma.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 21:8
6 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku kwakukhona umuntu owayengomunye wezinceku zikaSawule, owayehlaliswe phambi kukaSimakade ukuze afeze okuthile, igama lakhe kunguDowegi wakwa-Edomi, eyinduna yabelusi bakaSawule.


Wayesethi umphristi: “Kukhona inkemba kaGoliyathi, umFilisti, owambulala esigodini i-Ela. Ilapho, isongwe ngendwangu emuva kwengubo yamahlombe. Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho enye ngaphandle kwaleyo.” UDavide wathi: “Ayikho efana naleyo, nginike yona.”


UDowegi wakwa-Edomi owayemi nezinceku zikaSawule waphendula, wathi: “Ngayibona indodana kaJese ifika eNobhi ku-Ahimelekhi, indodana ka-Ahithubi.


UDavide wathi ku-Abhiyathara: “Ngazi ngalolo lusuku mhla uDowegi wakwa-Edomi elapho ukuthi impela uyakumtshela uSawule; yimi imbangela yokufa kwabo bonke abendlu kayihlo.


Izigijimi zagibela amahhashi asebukhosini anejubane, zaphuma ngesivinini, ziqhutshwa ngumyalezo wenkosi. Lowo mthetho wawushaywe ngisho eShushani, inhlokomuzi.


Ningaphathi sikhwama samali, nasikhwama sokuthekela, nazicathulo, futhi ningabingeleli muntu endleleni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite