Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:8 - IsiZulu 2020

8 Ngakho-ke yenzele isihawu inceku yakho, lokhu wenzile nayo isivumelwano sikaSimakade. Uma nginecala, ngibulale wena, uzongiyiselani kuyihlo na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho woba nomusa encekwini yakho; ngoba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova lawe; ngoba uzongilethelani kuyihlo?

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:8
16 Referans Kwoze  

U-Absalomu wathi kuJowabe: “Ngithumele kuwe, ngathi: ‘Woza lapha ukuze ngikuthume enkosini, uyothi kuyo: “Ngibuyiselweni eGeshuri na? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekhona lapho.” ’ “Ngakho-ke ngicela ukubona ubuso benkosi; uma nginecala, mayingibulale.”


UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


UJonathani wayesenza isivumelwano nabendlu kaDavide, wathi: “Sengathi uSimakade angaziqeda nya izitha zikaDavide.”


Uma ngenzile utho olubi olufanele ukufa, mangife, angenqabi, kodwa nxa kungekho utho olunjalo kulokhu laba abangimangalela ngakho, akekho-ke onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKhesari.”


Ububele neqiniso makungakushiyi; kubophele entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,


Ngisosizini, ngathi: “Bonke abantu banamanga.”


UDavide waphuma wayobahlangabeza, wathi kubo: “Uma nize lapha kimi ngokuthula, nizongisiza, sizobambisana, kodwa uma nizongiyengela ezitheni zami, uNkulunkulu wokhokho bethu makakubone lokho, abe nguMehluleli.”


UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele emuva, yilowo nalowo abuyele endlini kanina; sengathi uSimakade anganenzela umusa, njengalokhu nani nenzile kubayeni benu, nakimi.


“Simakade, Nkulunkulu wonkulunkulu! USimakade, uNkulunkulu wonkulunkulu uyazi, no-Israyeli makazi! Uma kungukuhlubuka noma kungukwephula ukholo kuSimakade, ningasiyekeli sisinde namuhla,


Amadoda athi kuye: “Singanifela nokunifela. Uma ningaludaluli lolu daba lwethu, siyakuniphatha ngomusa nangokwethembeka lapho uSimakade esesinika izwe.”


Zasondela izinsuku zika-Israyeli zokuba afe, wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuyo: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ngiyakucela, faka isandla sakho phansi kwethanga lami, bese ungethembisa ukuthi uyongenzela umusa neqiniso. Uze ungangingcwabi lapha eGibhithe,


Manje-ke ngicaciseleni ukuthi nizoyiphatha ngokwethembeka nangeqiniso yini inkosi yami, uma kungenjalo ngitsheleni, ukuze ngazi ukuthi ngenzenjani.”


UJonathani wathi: “Ungakucabangi nakukucabanga lokho, ngoba uma kukhona nokuncane nje okubi engazi ukuthi kuhlongozwa ngubaba ngawe, bengingeke yini ngikutshele ngakho na?”


Kwathi eseqedile ukukhuluma noSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide. UJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite