Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:5 - IsiZulu 2020

5 UDavide wathi kuJonathani: “Uyabona-ke, kusasa izakwethwasa inyanga; impela kufanele ngihlale nenkosi esidlweni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngiyocasha endle kuze kube wusuku lwesithathu kusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UDavida wasesithi kuJonathani: Khangela, kusasa sekwethwasa kwenyanga, njalo kangiyikuyekela ukuhlala ekudleni lenkosi; kodwa ngiyeke ngihambe ngiyocasha endle kuze kufike usuku lwesithathu kusihlwa.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:5
17 Referans Kwoze  

Ngezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga, niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula. Iyoba yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”


UJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule, ubaba, ufuna ukukubulala, ngakho-ke kusasa qaphela, uhlale esithe, ubhace.


“ ‘Njalo ngosuku lokwethwasa kwenyanga, niyonikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa. Kuyoba ngamaduna amabili emhlanjini, inqama, amazinyane ayisikhombisa anonyaka, futhi angenasici.


Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga nangokugcwala kwayo, ngosuku lomkhosi wethu.


Ngakho-ke makungabi bikho muntu onehlulela ngokudla, nangokuphuzwayo, noma ngemikhosi, noma ngokwethwasa kwenyanga noma ngamasabatha,


Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.


Base becosha amatshe ukuze bamkhande ngawo, kodwa uJesu wafihlakala kubo, waphuma ethempelini.


Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.


Ukuba bengiklolodelwa yisitha, bengizokubekezelela lokho, nokuba bekungongizondayo oziphakamise phezu kwami, bengizomcashela.


Kuyothi ngosuku lwesithathu, bese wehla masinyane, uye kuleyo ndawo owawucashe kuyo ngosuku lwesigameko leso; uhlale ngasetsheni e-Ezeli.


Uma uyihlo ebona ukuthi angikho, ubothi: ‘UDavide ucelile impela ukuba aphuthume eBhethlehema emzini wakubo, ngokuba ngalesi sikhathi kwenziwa umhlatshelo waminyaka yonke owenzelwa wonke umndeni wakubo.’


Kepha wathi: “Uyelani kuye namuhla na? Akusilo usuku lokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha.” Wathi: “Cha, kulungile.”


UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma yini inhliziyo yakho ekufunayo, ngiyokwenzela khona.”


UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa ngukwethwasa kwenyanga; uyobonakala ukuthi awukho, isihlalo sakho sizohlala singenamuntu.


UDavide waphuthuma wayocasha endle. Kwakungukwethwasa kwenyanga. Inkosi yahlala phansi ukuze idle.


Kwathi ngosuku olulandelayo lokwethwasa kwenyanga, indawo kaDavide isalokhu ingenamuntu, uSawule wathi kuJonathani, indodana yakhe: “Kungani indodana kaJese ingafikanga esidlweni izolo nanamuhla na?”


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite