Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:41 - IsiZulu 2020

41 Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhala, yilowo nalowo ekhalela umngani wakhe, uDavide wakhala kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Kwathi umfana esehambile, uDavida wasukuma endaweni ebheke eningizimu, wawa ngobuso emhlabathini, wakhothama kathathu;

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:41
20 Referans Kwoze  

UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


UJakobe wamanga uRaheli, wayesedazuluka ekhala kakhulu ngenxa yokujabula.


Bonke bakhala kakhulu, bamxhawula, bamanga,


Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela. Inkosi yamanga uBharizilayi, yambusisa; wayesebuyela ekhaya.


UMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, wafika kuDavide, wakhothama wathi mbo ngobuso. UDavide wathi: “Mefibhoshethi.” Wathi: “Inceku yakho ilapha.”


“Ngidabukile ngawe mfowethu, Jonathani; wawuyigugu elikhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.


Lapho u-Abhigayili embona uDavide, washesha wehla embongolweni yakhe, wakhothama wathi mbo ngobuso phambi kukaDavide.


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha wawuthela ekhanda likaSawule wayesemanga, wathi kuye: “USimakade akakugcobile yini ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye.


Bathi: “Inceku yakho ubaba ukhona, usaphila.” Baphinda bamkhothamela, bamkhulekela.


Lapho uLabani ezwa udaba ngomshana wakhe uJakobe, wagijima wayomhlangabeza, wamgona, wamanga, wabuyela naye emzini wakhe. UJakobe wamlandisa uLabani zonke lezo zinto.


UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini.


UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe, wathi kuye: “Hamba, uziyise emzini.”


Kepha u-Esawu wathathela ngejubane wamhlangabeza uJakobe umnawakhe, wafike wamgona, wamgomothela, wamanga, base bekhala.


UDavide wayesethi kuSawule: “Uwalaleleleni amazwi abekhulunywa ngabantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’?


Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.


Owesifazane waseThekhowa wafika phambi kwenkosi, wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wayesethi: “Siza, nkosi.”


UBhathi Sheba wakhothama, wakhuleka enkosini. Inkosi yathi kuye: “Ungibabele ngani na?”


Bayibikela inkosi, bathi: “Bheka, sekufike umphrofethi, uNathani.” Wangena enkosini, wayesekhothama wathi mbo ngobuso phambi kwayo.


UBhathi Sheba wayesekhothama wathi mbo ngobuso bakhe phansi, wakhuleka enkosini, wathi: “Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite