Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:32 - IsiZulu 2020

32 UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyobulawelwani? Wenzeni na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulalelwani? Wenzeni na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulawelwani na? wenzeni.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:32
17 Referans Kwoze  

Kepha uPilatu wathi: “Bubi buni abenzile na?” Kepha bamemeza kakhulu kunakuqala, bathi: “Makabethelwe esiphambanweni!”


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


Ngokwesithathu uPilatu, wathi kubo: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angitholanga cala kuye elifanele isigwebo sokufa. Ngakho-ke ngizomshaya, bese ngimkhulula.”


UJakobe wathukuthela wamthethisa uLabani, wathi: “Liyini icala lami na? Siyini isono sami uze ungihubhe ngale ndlela na?


“Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ngecala ungakamuzwa eziphendulela kuqala, bese wazi-ke ukuthi wenzeni na?”


“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula.


Ungabi ngumngani womuntu onolaka, ungahambi nomuntu othukutheleyo,


Uma uyihlo ethi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyobe iphephile, kodwa uma ethukuthela ebila, uyokwazi ukuthi usophe ukuyenzakalisa.


USawule waciba umkhonto, wathi: “Ngiyakumphisela odongeni uDavide.” Kepha uDavide wagwija kwaze kwaba kabili phambi kwakhe.


UJonathani wakhuluma kahle ngoDavide kuyise uSawule, wathi kuye: “Inkosi mayingenzi okubi encekwini yayo uDavide, ngoba ayonanga lutho kuwe. Imisebenzi yayo ekwenzele yona mihle kakhulu.


U-Ahimelekhi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabaqaphi bakho, nodumileyo endlini yakho na?


UDavide wabaleka eNayothi eRama, waya kuJonathani, wathi kuye: “Ngenzeni na? Liyini icala lami? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite