Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:24 - IsiZulu 2020

24 UDavide waphuthuma wayocasha endle. Kwakungukwethwasa kwenyanga. Inkosi yahlala phansi ukuze idle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UDavide wacasha masinyane endle; isethwasile inyanga, inkosi yahlala ekudleni ukuba idle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UDavide wamfihla endle; kwathi ekuthwaseni kwenyanga, inkosi yahlala phansi ukuba idle.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:24
12 Referans Kwoze  

Ukwenza ukulunga nobulungiswa kuyathandeka kuSimakade, ngaphezu kwemihlatshelo.


Ungcono onokuncane, owomileyo enokuthula, kunendlu egcwele okuhlatshiweyo nokuxabana.


Isidlo esinengxenyana yemifino lapho kukhona uthando khona, singcono kunesenkabi ekhuluphalisiweyo lapho kugcwele inzondo khona.


kwazise badla isinkwa senkohlakalo, baphuze iwayini lobudlova.


Khona bamhola uJesu esuka kuKhayafase, bamyisa enkundleni yokwehlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enkundleni yokwehlulela ukuze bangazingcolisi, kodwa bakwazi ukudla iPhasika.


Lapho nidla niphuza, anizidleli, niziphuzele nina yini na?


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.


UDavide wathi kuJonathani: “Uyabona-ke, kusasa izakwethwasa inyanga; impela kufanele ngihlale nenkosi esidlweni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngiyocasha endle kuze kube wusuku lwesithathu kusihlwa.


Mayelana nodaba esilukhulumile, uyabona-ke, uSimakade uphakathi kwami nawe kuze kube phakade.”


Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi, isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema, u-Abhineri wahlala ngaseceleni kukaSawule, kodwa indawo kaDavide yayingenamuntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite