Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 20:16 - IsiZulu 2020

16 UJonathani wayesenza isivumelwano nabendlu kaDavide, wathi: “Sengathi uSimakade angaziqeda nya izitha zikaDavide.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngalokho uJonathani wenza isivumelwano nendlu kaDavide, wathi: “UJehova makakufune esandleni sezitha zikaDavide.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 20:16
13 Referans Kwoze  

UNkulunkulu makenze kanjalo kuzo zonke izitha zikaDavide, anezelele kulokho, uma ekuseni ngakusasa ngizoshiya noma oyedwa wesilisa ongowakhe.”


UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


Inkosi yathatha amadodana amabili kaRizpha, indodakazi ka-Aya, ayewazalele uSawule: u-Arimoni, noMefibhoshethi namadodana amahlanu kaMikhali, indodakazi kaSawule, ayewazalele u-Adriyeli, indodana kaBharizilayi, umMeholathi.


AmaFilisti amhubha uSawule namadodana akhe. AmaFilisti abulala uJonathani, u-Abhinadaba, noMalikhi Shuwa, amadodana kaSawule.


Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe:


“Uma wenza isifungo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe.


UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sobabili sifunge igama likaSimakade, sathi: ‘USimakade uzokuba phakathi kwami nawe naphakathi kozalo lwami nozalo lwakho kuze kube phakade.’ ” Wayesesukuma uDavide, wahamba, uJonathani wangena emzini.


Nina nonke ningenzele ugobe, akwaze kwaba bikho ongiluma indlebe ukuthi indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese. Akubanga bikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingilalele unyendle njengoba yenza namuhla.”


UGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, wafunga kubo nakubantu babo, wathi: “Ningesabi ukuzinikela kumaKhaledi, hlalani ezweni, nikhonze enkosini yaseBhabhele, ukuze konke kunihambele kahle.


ngokuzakhela i-althare ukuze sihlubuke ekulandeleni uSimakade; noma uma lokhu sikwenze ukuze sinikele kulo iminikelo yokushiswa noma yokusanhlamvu noma yobudlelwane, uSimakade uqobo makaziphindiselele.


Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


“Nkosi yami, ngiyafunga ngoSimakade, nangempilo yakho uqobo, njengoba uSimakade ekuvimbele ukuba ube necala legazi nokuba uziphindiselele ngesandla sakho; mazibe njengoNabali izitha zakho nalabo abafuna ukubulala inkosi yami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite