Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 2:9 - IsiZulu 2020

9 “Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uzalinda inyawo zabangcwele bakhe, lababi bazathuliswa ebumnyameni; ngoba ngamandla kakho ozanqoba.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 2:9
41 Referans Kwoze  

Akayukuluvumela unyawo lwakho lushibilike; okulondayo akozeli.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali.


Lapho ngithi unyawo lwami lushibilikile, umusa wakho, Simakade, wangiphasa.


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Uyokwazi ukuthi ithende lakho liphephile, lapho uhlola indlu yakho, uyothola ukuthi awulahlekelwe yilutho.


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; baholelwe ngasezinyaweni zakho, bayakwemukela okwamazwi akho.


Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kodwa uSimakade uyaziqondisa izinyathelo.


USimakade uyolondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho, kusukela manje kuze kube phakade.


Laba bayimithombo eshileyo nenkungu epheshulwa yisiphepho, bagcinelwe isigayegaye sobumnyama.


Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


Lolo lusuku, usuku lolaka, usuku lokuhlupheka nosizi, usuku lomonakalo nencithakalo, usuku lobumnyama nethunzi elibi, usuku lwamafu nesigayegaye,


Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.


ngokuba uSimakade uyakuba seduze nawe, agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.


Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni nasosizini, nasekukhathazekeni nasekuguleni nasolakeni.


Uyabavikela labo abahamba ngokwendlela yezahlulelo zakhe,


USimakade ungumvikeli wakho, uSimakade ungumthunzi wakho ngasesandleni sakho sokunene.


Bakhefuza amahlazo abo njengamaza adlangalalayo, bayantunta njengezinkanyezi ezigcinelwe ubumnyama baphakade.


Bathandekayo, ngisha amashushu ngifuna ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngikuthola kubalulekile ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele ukholo olwabekwa kwabakanye kwabangcwele.


UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


“Sisahlaleleni na? Buthanani, masingene emizini ebiyelweyo, ukuze sibhubhele lapho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu, usinqumele ukubhujiswa, usiphuzise amanzi anobuthi, ngokuba sonile kuSimakade.


Ngakho-ke ompofu unethemba; ububi buvale umlomo wabo.


“ ‘USimakade makakubusise, akulondoloze;


Simakade mangingajabhiswa, ngokuba ngikhala kuwe, izikhohlakali mazijabhiswe, ziyiswe kwelabafileyo sezithule.


“Mina Simakade ngingumlindi waso; njalo ngiyasichelela; ngisilinda ubusuku nemini, kungaze kube khona osonakalisayo.


“Nkosi yami, ngiyafunga ngoSimakade, nangempilo yakho uqobo, njengoba uSimakade ekuvimbele ukuba ube necala legazi nokuba uziphindiselele ngesandla sakho; mazibe njengoNabali izitha zakho nalabo abafuna ukubulala inkosi yami.


Siyakuxoshwa ekukhanyeni, siyiswe ebumnyameni, sixoshwe emhlabeni.


Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni efihlakeleyo.


Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.


Abantu bakhe wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.


USimakade uyabavikela abamthandayo, kodwa zonke izikhohlakali uyozibhubhisa.


“Hlala uthule, uhambe ebumnyameni, ndodakazi yamaKhaledi, ngokuba awusayukuphinde ubizwe ngendlovukazi yemibuso.


Kepha ngesikhukhula esiqongile uyakushabalalisa indawo yakhona, izitha zakhe azixoshele ebumnyameni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite