Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 2:5 - IsiZulu 2020

5 Abebesuthi sebeyaziqashisa ukuze bathole ukudla; abebelambile sebeyekile ukulamba. Yebo, obeyinyumba uzele abayisikhombisa; onabantwana abaningi uyancunzeka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ababesuthile baqashelwa isinkwa; ababelambile sebeyekile ukulamba; yebo, oyinyumba uzele abayisikhombisa; onabantwana abaningi uyawuma.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ababesuthi bazithengisela isinkwa; abalambileyo banqamuka, oyinyumba wazala abayisikhombisa; laye owayelabantwana abanengi waba buthakathaka.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 2:5
11 Referans Kwoze  

Usuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle, abacebileyo wabahambisa bevathazela.


Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!


Owazala abayisikhombisa usedangele, uyakhefuzela efuna umoya; ilanga limshonele emini; unamahloni, uyayangaza. Insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni, phambi kwezitha zabo,” kusho uSimakade.


Amabhongo amabhubesi ayeswela, alambe, kodwa abafuna uSimakade abayukweswela lutho oluhle.


“Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho ngesikhathi usaphila, noLazaru ngokunjalo wamukela okubi, kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena usuyahlupheka.


“Memeza ngokujabula wena nyumba, wena ongazalanga, qhumuka, umemeze ngokuthokoza, dazuluka wena ongakaze uhelelwe; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” kusho uSimakade.


Isitha sakhe sasimchukuluza ukuze simthukuthelise, ngokuba uSimakade wayesivalile isibeletho sakhe.


Kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi uHana wakhulelwa, wazibula ngendondana, wayiqamba igama wathi nguSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuSimakade.”


Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza wena nyumba ongazalanga, dazuluka wena ongakaze uhelelwe, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda.”


Uzovuselela ukuphila kwakho, akugcine ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakwakho okuthandayo ukuzalele yena, ongcono kuwe ukwedlula amadodana ayisikhombisa.”


Izwe lididekile, lidangele, iLebhanoni lithelwe ngamahloni, liyabuna, iSharoni linjengehlane, iBhashani neKharmeli kuyavuthuluka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite