Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 2:15 - IsiZulu 2020

15 Kwakuthi engakashiswa amanoni, kufike inceku yomphristi ithi kumuntu owenza umhlatshelo: “Letha inyama eyokoselwa umphristi, ngokuba akazukuyithatha kuwe inyama ephekiweyo, kodwa eluhlaza.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Futhi bengakashisi amanoni, inceku yompristi yeza, yathi kumuntu onikela ngomhlatshelo: “Nika umpristi inyama yokosa; ngoba akayikucwiliswa inyama kuwe, kodwa eluhlaza.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 2:15
8 Referans Kwoze  

Umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo ube yiphunga elimnandi. Onke amanoni angakaSimakade.


Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.


ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.


Yibo laba abayichilo emadilini enu, abadla nani bengenakwesaba, bezenelisa. Bangamafu angenamvula apheshulwa wumoya, izihlahla zasehlobo ezingenazithelo, bafe imfakabili, basishuliwe.


Ningakudli kuluhlaza noma kubiliswe ngamanzi, kodwa imilenze yalo, ikhanda, nezangaphakathi makosiwe emlilweni.


ihlabe ngayo emcengezini, noma esocweni, noma ebhodweni, noma ekhanzini; konke ekukhiphayo imfologo, umphristi akuthathe kube ngokwakhe. Benza kanjalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona.


Uma lowo muntu ethe kuyo: “Impela mabashise kuqala amanoni, andukuba uthathe inyama ngokuthanda kwakho,” yathi: “Hhayi, ilethe manje, uma ungayilethi ngizozithathela ngenkani.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite