Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 19:18 - IsiZulu 2020

18 UDavide wabaleka, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama. Wambikela konke uSawule ayekwenze kuye. Yena noSamuweli bahamba bayohlala eNayothi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wayesebaleka uDavide, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli baya bahlala eNayoti.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UDavide wayesebaleka, waphunyuka, wafika kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli bahamba, bahlala eNajoti.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 19:18
11 Referans Kwoze  

USamuweli wayebuyela eRama ngoba indlu yakhe yayilapho, wamehlulela u-Israyeli ekhona, wamakhela lapho uSimakade i-althare.


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.


Ngisosizini, ngathi: “Bonke abantu banamanga.”


USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.


USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela emzini wakhe eGibheya likaSawule.


Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: “Bheka, uDavide useNayothi, eRama.”


USawule wayeseya eRama, wafika emthonjeni eSeku, wabuza wathi: “Ukuphi uSamuweli noDavide na?” Kwathiwa: “BaseNayothi eRama.”


Wayeseya khona eNayothi eRama, uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wayehamba ephrofetha, waze wayofika eNayothi, eRama.


Bavuka ekuseni kakhulu bakhuleka phambi kukaSimakade, base bebuyela emuva endlini yabo eRama. U-Elikhana walala nomkakhe, uSimakade wamkhumbula uHana.


UDavide wabaleka eNayothi eRama, waya kuJonathani, wathi kuye: “Ngenzeni na? Liyini icala lami? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akusiye yini uDavide, inkosi yezwe na? Kanti akusiye yini ababecula ngaye, besina, bethi: “ ‘USawule ubulale izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe zilishumi,’ na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite