Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 19:10 - IsiZulu 2020

10 USawule wazama ukuphisela uDavide ngomkhonto odongeni, kodwa waphunyula kuSawule, umkhonto waphaphalaza wagwaza udonga. UDavide wayesebaleka, waphunyuka kanjalo-ke ngalobo busuku.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni, kepha wanyelela ebusweni bukaSawule, wagwaza ngomkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 USawule wazama ukumgwaza uDavide odongeni ngomkhonto; kepha washelela ebusweni bukaSawule, wagwaza umkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 19:10
20 Referans Kwoze  

USawule wamciba ngomkhonto efuna ukumgwaza ngawo; uJonathani wase azi ukuthi uyise uhlose ukubulala uDavide.


USawule waciba umkhonto, wathi: “Ngiyakumphisela odongeni uDavide.” Kepha uDavide wagwija kwaze kwaba kabili phambi kwakhe.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Ngakho-ke bafuna ukumbamba, kodwa waphunyuka ezandleni zabo.


Kepha Yena wadabula phakathi kwabo wahamba.


Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.


“Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na? Ngiyakwenzani ngawe Juda na? Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni, nanjengamazolo asekuseni eshabalala.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Umphefumulo wethu uphunyuke njengenyoni ogibeni lwabacuphi; ugibe lwaphukile, thina saphunyuka.


Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uSimakade uyamkhulula kuzo zonke.


Wangisindisa ezitheni zami ezinamandla; bezinamandla kunami, kodwa Yena wangihlenga.


USawule wamlalela uJonathani, wayesefunga ethi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akayukubulawa.”


bacima amandla omlilo, baphunyuka enkembeni, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


ngoba izinyawo zabo zigijimela ebubini, bayashesha ukuchitha igazi.


Kwathi ngangomuso umoya omubi owawuvela kuNkulunkulu wehlela kuSawule, waphrofetha ephakathi endlini. UDavide wayeshaya ihabhu ngesandla sakhe izinsuku ngezinsuku. USawule wayephatha umkhonto ngesandla sakhe.


Omubi uqamekela olungileyo, ufuna ukumbulala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite