Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 Samuweli 18:6 - IsiZulu 2020

6 Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwathi ekufikeni kwabo, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela besina, ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu, nangokuthokoza, nangezinkenenezo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lapho befika, lapho uDavide ebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke yakwa-Israyeli, behlabelela futhi besina ukuhlangabeza inkosi uSawule ngezigubhu nokujabula nezinsimbi zokubethwa.

Gade chapit la Kopi




1 Samuweli 18:6
11 Referans Kwoze  

UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.


Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina.


Phambili kuhamba abahlabeleli, emuva abashaya ugubhu, phakathi yizintombi ezishaya izigubhu.


UMiriyamu wahlabelela wathi: “Hlabelelelani uSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”


UDavide wayeya noma kuphi lapho uSawule ayemthuma khona, wayehlabana. USawule wambeka ukuba aphathe amabutho. UDavide wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.


“Ningakusho eGathi, ningakumemezeli emigwaqweni e-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.


UDavide nendlu yonke yakwa-Israyeli bathokoza phambi kukaSimakade bebetha izinhlobonhlobo zokhehlegume, ezomsayiphuresi, amahabhu, izingubhu, izigubhu, ubuxhaka namasimbali.


INkosi ikhiphe izwi, isixuku esikhulu sabesifazane sabika indaba ejabulisayo.


Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu,


Konke ukushaywa uSimakade abashaye ngakho kuyohambisana nomculo wamahabhu nogubhu, alwe nabo empini, ebashaya ngengalo yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite